Ubanjwe nemoto kahulumeni edlonya utshwala
KUPHENYWA ngesisebenzi sikahulumeni esibanjwe yilungu lesiShayamthetho siphuza ngemoto yomnyango, omunye obehamba naso elele.
Ilungu leNFP uMnuz Erickson Zungu libikele uNgqongqoshe wezokuThutha nezokuPhepha KwaZulu-Natal izolo ngesikhathi kunenkulumo yokwethulwa kwesabelo sezimali ukuthi ubone umsebenzi edakiwe.
“Ubedakwe enya amaphepha, ehamba nomunye obelele. Akuphenywe lokhu ukuze kungabi nokuxhashazwa kwempahla kahulumeni,” kusho uZungu.
Umnike nenombolo yemoto umsebenzi abehamba ngayo.
Ephendula uMnuz Mxolisi Kaunda uthe bazokwenza uphenyo ngokwenzekile.
“Sizophenya, bese kuthathwa izinyathelo ezifanele ngalesi sehlakalo,” kusho uKaunda.
Uthe bahlale begqugquzela abasebenzi ukuthi babike ngenkohlakalo.
“Ababikayo siyabavikela, amacala enkohlakalo aphenywa wuphiko olusehhovisi likamgcinimafa.”
Ubalule nodaba lokushiswa kwamaloli okwenzeka emgwaqweni uN3 eMooi River, wathi kunesandla semfene kulo.
UMnuz Sboniso Duma, we-ANC uthe uKaunda kumele ayiphenye eyesandla esinoboya ekushisweni kwamaloli.
Uthe nakuba kuthiwa ukushiswa kwawo kuthinta indaba yokuqashwa kwabashayeli bangaphandle kodwa uthe yinto eyenziwa yizinkampani ezinkulu ezifuna ukuthola imali yomshwalense.
“Ayiphenywe le nto ngoba kunesandla semfene kulolu daba. Mkhulu umkhuba kule nto yaseMooi River.”
UKaunda uthe: “Iyasikhathaza indaba yaseMooi River. Siyayigxeka. Uhulumeni wesifundazwe usebenzisana nokazwelonke ukuthola isixazululo kulolu daba.”
Ethula isabelo sikaR10 billion soMnyango wezokuThutha, uKaunda uthe uR7.4 billion owokuthuthukisa ingqalasizinda, uR2.4 billion owokwakha amabhuloho nemigwaqo, uR4.6 billion owokulungisa ingqalasizinda kuthi uR400 million ube owokuhlela.
“Eminyakeni emithathu ezayo sihlela ukwakha amabhuloho ezinyawo angu-39 nangu-21 ezimoto. Kunemigwaqo ezokwakhiwa eMsinga, Nquthu, nasoLundi oya eMpangeni.”
Uthe uhlelo lokuthuthwa kwabafundi ngolunye oluseqhulwini lwezinto ezisiza abafundi abahamba amabanga amade.
Ubalule ukuthi lolu hlelo lubuyiselwe eMnyangweni wezeMfundo, basabalalise amabhayisikili angu-3 000 kubafundi abawadingayo.
“Asifuni ukuthi lawa mabhayisikili asetshenziswe ngabantu abadala. Kwezinye izindawo ngihlangana nabantu abadala bethwele amakesi behamba ngawo. Onyakeni wezimali sizosabalalisa angu-2 400.” UDuma uthe kubalulekile ukuthi kuxhaswe osomatekisi nabamnyama ukuze bathwale abafundi.
UKaunda uthe bakhiphe izimvume zokusebenza ematekisini ezingu-6 600 kodwa ukhathazekile ngokuthi luhamba kancane lolu hlelo.
Umemezele ukuthi kososeshini ababangayo basebenzisana nomasipala ukuze kube yibo abanamandla okulawula amarenki.
“Kunezinhlelo eseziqalile eNewcastle, okubalwa ukufakwa konogada, ukufakwa kwamakhamera amaCCTV, nezinto ezizohlonza izimoto. Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ukuze kuboshwe abaphehla udlame.”
Uthe ukuthelelwa kwezimoto kuqoqe uR1.6 billion onyakeni odlule wezimali, kulo nyaka bahlele ukuqoqa uR1.7 billion.
Uqhube wathi kulo nyaka babeke uR708 million, wezinhlelo zokuthi kube namaphoyisa emigwaqweni.
“Zingu-324 izingozi ezibikiwe kusuka ngoDisemba 1, 2017 kuya kuJanuwari 15, 2018. Ngo-2016/2017 ngamaholidi zazingu-361,” kusho uKaunda.
Uthe bazochitha uR2 billion ohlelweni iVukuzakhe. Uhlelo i-EPWP uthe lwakha imisebenzi engu-50 143.
Kule misebenzi u-6 401 uqhamuka ohlelweni iZibambele, ikakhulu entsheni.