Isolezwe

UManana ucabanga ukuvulela uWiro icala

- BONISWA MOHALE ne-ANA

ANGASE avulelwe icala lokuqola uNkk Christine Wiro obeqashwe yilungu le-ANC ePhalamend­e, uMnuz Mduduzi Manana, othe uhoxise icala emuva kokuthenji­swa uR100 000.

Lezi zindaba zivele esitatimen­deni esithunyel­we nguManana kwabezinda­ba lapho ethe kunomkhank­aso wokungcoli­sa igama lakhe ohlelwa ngabathile njengoba esevulelwe icala lokushaya eliphinde lahoxiswa obengumseb­enzi wakhe wasendlini uNksz Wiro.

“Ngisaxoxis­ana nethimba lami lezomtheth­o ukuthi ngenze njani ngalolu daba kodwa ngicabanga ukuvula icala lokusatshi­swa ukuthi ngikhiphe imali. Ngifuna ukucacisa ukuthi selokhu ngalahlwa yicala lokushaya ngonyaka odlule kunabathil­e abangcolis­a igama lami. Angingabaz­i ukuthi yibona abahlohle uNksz Wiro ukuthi ayovula icala bamxhumani­sa nezintathe­li,” kusho uManana.

Ngokombiko weThe Times kuthiwa uManana nodadewabo bathembise uNksz Wiro uR100 000 nomunye umsebenzi uma esula icala.

Kodwa uManana uthi nguNkk Wiro nabomndeni wakhe akade befuna imali ngenkani.

Uthe emuva kwesigamek­o sangonyaka odlule esamlahlek­isela ngomsebenz­i wakhe wafunga ukuthi ngeke aphinde ashaye abantu.

UMnuz Sizwe Pamla okhulumela iCosatu kuzwelonke uthe, i-ANC kufanele ixoshe uManana ePhalamend­e nasekomiti­ni elibhekele­le ukusebenza kwenhlanga­no ngoba kuyacaca akazimisel­e ukulandela umthetho.

“Sithumele ithimba lethu kuNksz Wiro, lizomnika lonke usizo aludingayo noma ngabe ufuna abameli sizomnika. Sisolile ukuthi kukhona okwenzekil­e uma sizwa ukuthi ulisulile icala. Sithi akuphele ukuxhashaz­wa kwabaseben­zi ikakhuluka­zi abasezindl­ini nabasemapu­lazini,” kusho uPamla.

Ugqugquzel­e abasebenzi ukuthi babikele iCosatu uma abaqashi bebasabisa noma bebahlukum­eza ukuze bathole usizo abaludinga­yo.

UMnuz Bafana Khumalo weSonke Gender Justice, uthe nabo bafuna uManana ajeze ngoba ngeke umuntu avule icala bese elisula kungekho asatshiswe ngakho.

“UNksz Wiro uthe usatshiswe ngokuthi uzobuyisel­wa kwelakubo eZimbabwe, kuyasihluk­umeza lokhu ngoba kusho ukuthi usule icala ngoba esaba okuthile. Sifuna amaphoyisa aphenye lolu daba ne-ANC sifuna imphenye ngoba ubukeka enesandla esilula kwabesifaz­ane,” kusho uKhumalo.

UNobhala we-ANC Women’s League uNkk Meokgo Matuba, uthe bayabeseka bonke abesifazan­e abahlukuny­ezwayo futhi balibonile icala elivuliwe laphinde lasulwa ebelibheke­ne noManana.

“Siyawuland­ela umthetho othi umuntu umsulwa aze alahlwe yicala enkantolo. Ukusulwa kwamacala okushaywa kwabesifaz­ane kubuyisela emuva umzabalazo wokulwa nesihlava esibi sokuhlukun­yezwa kwabo. Sigqugquze­la bonke abavule amacala ukuthi babe nesibindi balinde umthetho ukuthi usebenze,” kusho uNkk Matuba.

UMnuz Molaodi Wa Sekake okhulumela iYoung Communist League uthe, siyabanyan­yisa isenzo sikaManana osezakhele udumo ngokushaya abesifazan­e.

“Sifuna uManana azikhulume­le ngalezi zinsolo acacise ukuthi umkhokhele noma cha umsebenzi wakhe wasendlini. Akwamukele­kile ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane, kuyanyanyi­sa, abenza lo mkhuba kufanele baboshwe. Sifuna asule esikhundle­ni uma kuwukuthi i-ANC izimisele ngokubuyis­a isithunzi sayo nethemba lokuthi ayikubekez­eleli ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane,” kusho uWa Sekake.

UMengameli Cyril Ramaphosa uthe udaba lukaManana ebengakabi­kelwa lona kodwa ulubonile emaphephan­dabeni.

“UManana kufanele alandele imigomo yenhlangan­o yakhe (ANC) kwenziwe okwenzeka kwabanye abasuke bebhekene nezinsolo ezifuze lezi. Asikugqugq­uzeli ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane futhi sizonikeza amaphoyisa izinsiza kusebenza ukuze ziqede lesi sihlava esibi,” kusho uRamaphosa.

 ??  ?? UMNUZ Mduduzi Manana uthi angase avule icala lokuqolwa emuva kokufunwa imali ngenkani ngumuntu obemsebenz­ela omvulele icala waphinde walisula
UMNUZ Mduduzi Manana uthi angase avule icala lokuqolwa emuva kokufunwa imali ngenkani ngumuntu obemsebenz­ela omvulele icala waphinde walisula
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa