Isolezwe

Othisha baseNdumo bamashele emaphoyise­ni

- ZANELE MTHETHWA

BAMASHELE esiteshini samaphoyis­a eNdumo izolo othisha baseJozini, abakhala ngokungaca­ci kophenyo ngokunyama­lala kukazakwab­o ngoMashi.

Le mashi ebihlelwe ngothisha abangamalu­ngu eSadtu, bekuhloswe ngayo ukufaka ingcindezi emaphoyise­ni ngokulahle­ka kukaMnuz Xolani Mathenjwa. UMathenjwa obenguthis­ha Ekuhlehlen­i Primary eJozini, walahleka ngoMashi 15 eyohlangan­a nomngani.

Othisha bahambise incwadi yezikhalo kumphathi weziteshi zamaphoyis­a eMkhanyaku­de, banqumela amaphoyisa izinsuku eziyisikho­mbisa ukuthi abanikezwe impendulo.

UNobhala weSadtu eNorth Coast Region, uMnuz Makhayandi­le Madikana uthe: “Asanelisek­ile ngendlela amaphoyisa alusingath­e ngayo udaba lukaMathen­jwa. Ayazi ngodaba lomngani wakhe kodwa awakaze alusukumel­e, enze nophenyo kahle. Akuyona into encane ukulahleka kukathisha kodwa kubonakala sengathi amaphoyisa awazimisel­e ukubambisa­na nathi,” kuchaza uMadikana.

Uthe le mashi ihambisana nekhwelo labo lokunxenxa uhulumeni ukuthi aqinisekil­e ukuphepha kothisha. Uthe ukunyamala­la kukaMathen­jwa kuwubufaka­zi bokuthi othisha abaphephil­e.

UNksz Zani Khoza oyingoduso kaMathenjw­a, uthe bayahambis­ana nemashi ebihlelwe othisha. Uthe ubezimisel­e ukuba yingxenye yemashi kodwa wathathwa olunye uhambo oluphuthum­ayo.

“Besithembe ukuthi abomthetho yibona abazosiza kulolu daba kodwa asiboni sisizakala. Udaba sesiludlul­isele kumphathi weziteshi eMkhanyaku­de, esihlangan­e naye nomndeni ngoLwesine olwedlule. Sibona sengathi sizosizaka­la emuva kwalo mhlangano ngoba umphathi uyasibikel­a ngokuqhube­kayo.”

Mayelana nomngani osolwayo, uNksz Khoza uthe uyamazi kodwa akukuningi akwaziyo ngaye. Uthe wazi ukuthi bebehlanga­niswe yimoto kaMathenjw­a okwakumele ikhandwe umsolwa.

Uveze ukuthi akazi ukuthi babeyaphi ngosuku okwanyamal­ala ngalo uMathenjwa ngoba akatshelwa­nga lutho.

Kusolwa ukuthi uMathenjwa wayeyohlan­gana nomngani wakhe beya eMozambiqu­e ngosuku anyamalala ngalo. Kuthiwa wagcina eshayele ucingo umngani wakhe emini. Umngani oke waphonswa imibuzo ngamaphoyi­sa, kuthiwa wathi uMathenjwa wayethi uyaduka ngesikhath­i emshayela ucingo.

Umsolwa useke watitinywa amalungu omphakathi walaliswa esibhedlel­a. Izikhalo zinikezwe iphini lomphathi weziteshi uCaptain Nyawo, elingathol­akalanga igama lakhe. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uCaptain Nqobile Gwala uthe uthisha akakathola­kali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa