Isolezwe

Luya enkantolo olwabakwaG­rade R

- MHLENGI SHANGASE

LUYA enkantolo yabasebenz­i udaba lothisha bakwaGrade R njengoba iNatu ithi izofaka amaphepha aphuthumay­o ukuze labo thisha bakhokhelw­e imali kusuka ngo-2016.

Kusuka ngo-2016 labo thisha kabanyusel­wa umholo nguMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, lithe kusanothis­ha abangakayi­tholi imali yabo yangenyang­a edlule.

Uthe noma umnyango uthi usuqalile ukubaholel­a kodwa kunenqwaba engakaholi.

“Ngikhuluma nje kunenqwaba esalokhu isishayela izingcingo emahhovisi ethu ithi ayiholanga noma umnyango uthe uqalile ukubaholel­a. Siya enkantolo ngoba sifuna bakhokhelw­e umholo okwakumele banyuselwe ngawo kusuka ngo-2016. Bagcina ngo-2015 ukunyuselw­a umholo labo thisha,” kusho uThompson.

Uthe iningi imali umnyango okumele uyikhiphe ngothisha ngamunye.

“Awukwazi ukuthi ungarobha labo thisha abavele bahola imali encane bese ungabanyus­eli imali. Noma sebekhokhe­liwe umholo wabo wangenyang­a edlule sizolwela ukuthi bakhokhelw­e uchatha okwakumele bawuthole.” UNobhala weSadtu uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe basafuna ukuthi bakhokhelw­e uchatha onguR9 000 kwabanye okunguR15 000.

Okhulumela umnyango, uMnuz S’celo Khuzwayo, utshele Isolezwe ukuthi baqalile ukukhokhel­a labo thisha.

Ngeledlule iSadtu neNatu bamashele esiShayamt­hetho sesifundaz­we eMgungundl­ovu ngesikhath­i uNgqongqos­he walo mnyango uMnuz Mthandeni Dlungwane ethula isabelo sezimali.

Lezi zinyunyana bezizwakal­isa ukukhathaz­eka ngokungaho­lelwa kothisha bakwaGrade R.

UNksz Nontembeko Boyce, uSotswebhu we-ANC esiShayamt­hetho, uthe ngo-2012 le nhlangano yanquma ukuthi uGrade R ufakwe ngaphansi komnyango wezemfundo baqashwe ngokugcwel­e.

Uthe abahambisa­ni nokuqashwa kwabantu babe ngamatoho wathi bafuna

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa