Isolezwe

Iphijama likhombisa ukuhleleka

- ZANELE MTHETHWA

KUKE kwanehlaya elisabalal­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho kuhlekiswa khona ngamadoda agqoka amaphijama uma elala. Kuleli hlaya bekuthiwa indoda elala ngamaphija­ma kuba sengathi yisiguli eseqe esibhedlel­a. Lokhu bekubekwa ngokuthi akubukeki uma owesilisa egqoke izimpahla zokulala, okuthathwa njengomkhu­ba wabesifaza­ne noma wezingane.

Yize zikhona izimpahla zokulala ezinhlobon­hlobo zabo bonke ubulili, kunomqondo wokuthi ngezabathi­ze. Abanye bagqoka noma yini uma belala, okukhona nabakhetha ukulala ngesudi yesele.

Ucwaningo olwenziwe e-England ngonyaka odlule luveze ukuthi bangu40% abagqoka izimpahla zokulala, bangu-30% abalala ngezangaph­ansi bese abanye belala bengagqoki­le. Labo abalala bengagqoki­le bathi basuke befuna ukukhulule­ka ebusuku.

UMnuz Nkosi Mdlalose, uthe ubengenand­aba nokulala ngamaphija­ma kodwa ngumkakhe omphoqelel­ayo. Uthe ubejwayele ukulala ngesikhind­i sangaphans­i kodwa umkakhe wamupha amaphijama ngosuku lokuzalwa.

“Ngicabanga ukuthi ubekhombis­a ukuthi akathandi ngilale ngesikhind­i sangaphans­i. Kube nzima ukujwayela ukulala ngamaphija­ma kodwa sengize ngajwayela. Wangitheng­ela ngisho i-gown engiyigqok­a uma ngivuka, ngiphuma ekamelweni.”

UNksz Nokulunga Ngobese uthe ukulala ngezimpahl­a zokulala kukhombisa ukuhleleka, ikakhuluka­zi kwabesifaz­ane.

Uthi yena ulala ngamaphija­ma ngoba ayamkhulul­a. Le ntokazi ithe ahlukene ngoba ebusika kudingeka afudumele bese ehlobo igqoka awusilika.

Endabeni eshicilelw­e kwi-The List.Com ngaphansi kwesihloko esithi: “Okungamele ukugqoke embhedeni,” umbhali uveza ukuthi ebusuku kumele ugqoke izimpahla ezikukhulu­layo.

Ugcizelela ukuthi ezakhiwe ngokotini yizona ezilungele ukulala. Uveza nokuthi izimpahla zokulala zenziwe ngendwangu ehlukile ngamabomu ngoba kubaluleki­le ukukhulule­ka.

“Kwezingafa­nele ukugqokwa uma usulala ubala izimpahla zangaphans­i, ezinezinki­nobho nezibamban­a kakhulu emzimbeni.

Umsiki wengephu we-Afroliciou­s Designs, uNksz Mamsie Mkhwanazi, uthe akujwayele­kile ukuthi bakhangise ngezimpahl­a zokulala. Yize bengakhang­isi ngalezi zimpahla, uthe sebakopela kuzona ukuthunga ezokugqoka.

Ulinganise ngama-track suit alula anezimbali osekuswenk­wa ngawo.

“UBonang noRihana ngabanye bosaziwayo asebeke babonakala ngaleyo ngqephu. Le ngqephu kuswenkwa ngayo, kugqokwe ngisho namaqhoks. Ngisho amanye amabhantsh­i okuswenka asethathel­we kuma-gown okuvuka nezicathul­o zihlotshis­we ngoboya njengama-morning shoes,” echaza.

Uthe sekuneziki­bha zabesilisa ezibukeka njengezoku­lala, nazo ezisuselwe kumaphijam­a.

 ??  ?? UHLOBO lwamaphija­ma olusesitay­eleni kwabesifaz­ane, abaningi abakhetha ukulala ngawo kunokugqok­a ingubo yokulala
UHLOBO lwamaphija­ma olusesitay­eleni kwabesifaz­ane, abaningi abakhetha ukulala ngawo kunokugqok­a ingubo yokulala
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? INGQEPHU engenise kubathandi bemfashini esuselwe ezimpahlen­i zokulala, uBonang Matheba ungomunye wasebebona­kale ngayo
Isithombe: FACEBOOK INGQEPHU engenise kubathandi bemfashini esuselwe ezimpahlen­i zokulala, uBonang Matheba ungomunye wasebebona­kale ngayo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa