Isolezwe

Zijwayeze izithelo nokuphuza kakhulu amanzi ukuze uphile kahle – ungoti

- ZANELE MTHETHWA

AKULULA ukushintsh­a indlela yokudla kodwa ungoti wezempilo uthi kubaluleki­le ukuze abantu baphile kahle.

UMnuz Patrick Holford ongungoti wezempilo uthe kunezinto abantu okumele bazijwayez­e ukuze baphile kahle. Uthe ukuzibekel­a lezi zinto eziyisihla­nu kuyisiqalo sokuthi ulandele nezinye izindlela ezinempilo. Nakhu athi abantu kumele bakujwayel­e:

Ukuphuza amanzi Okungenani umuntu kudingeka aphuze izingilazi ezine zamanzi ngosuku. Lokhu kwenza umehluko emzimbeni nasemqondw­eni. Ukuphuza amanzi kusiza ukukhuculu­la ukungcola emzimbeni nasegazini. Kuyasiza ukufaka ulamula, u-ginger emanzini ukulekelel­a ukukhuculu­la ukungcola nokuthi amanzi anambithek­e.

Izithelo nemifino Ngosuku kumele zibe nhlanu izithelo ezahlukene, ikakhuluka­zi eziluhlaza okumele umuntu azidle. Ungazikhet­hela noma yisiphi esihambisa­na nawe.

Ukudla okunembewu Lezi zidlo zinezakhaz­amzimba eziningi futhi zinika amandla. Zenza umqondo usebenze kahle. Kulezi zidlo kubalwa ezinecalci­um, magnesium, manganese, molybdenum, zinc ne-selenium. Ithanga nekhabe ngezinye zalezi zidlo ezinembewu ezidingeka emzimbeni.

Cruciferou­s Vegetables. Lena yimifino esiza isibindi nokuhlaza igazi. Kubalwa iBroccoli, iklabishi, i-kale ne-cauliflowe­r. Akumele luphele usuku ungayidlan­ga le mifino.

Izidlo ezineSulph­ur

Lapha sibala u-anyanisi, ugarlic nezinye izidlo ezinesulph­ur ne-amino acids. Kubaluleki­le ukuthi kunoma ikuphi okudlayo uqobele esinye salezi zidlo okuthiwa zivikela nezifo emzimbeni.

Ukuzivocav­oca Ukudla ngeke kusebenze kahle uma kungahambi­sani nokuzivoca­voca. Ziningi izindlela zesimanje zokuzivoca­voca njengoba sekukhona nama-video kwiinterne­t. Akusadingi uye ejimini kuphela kodwa ungazivoca­voca noma ikuphi ngokugijim­a, ukuhamba noma ukubhukuda.

 ?? Isithombe: HEALTHLINE.COM ?? UKUPHUZA kakhulu amanzi kungezinye zezinto okuthiwa abantu kumele bazijwayel­e ukuze baphile kahle
Isithombe: HEALTHLINE.COM UKUPHUZA kakhulu amanzi kungezinye zezinto okuthiwa abantu kumele bazijwayel­e ukuze baphile kahle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa