UBhele akazimisele ukushiya ibhola
INSIKA yomdlali waMaZulu, uSiyabonga “Bhele” Nomvethe, ayizimisele ngokuwagaxa emgibeni amakhokho ekupheleni kwesizini.
Usuthu luzobhekana neCape Town City eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, emdlalweni we-Absa Premiership ngo-3 ntambama.
UNomvethe (40) usedlale esigabeni esikhokhelayo iminyaka engu-21. Waqala ukugijima ebholeni elikhokhelayo ngo-1997 ngesikhathi eyibamba kwi-African Wanderers.
Kusukela lapho-ke akazange abheke emuva. Uyibambe emaqenjini anjengoKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMoroka Swallows okuyizikhondlakhondla zamaqembu aseSoweto.
Phesheya kwezilwandle udlale e-Italy naseSweden. Udlale kwiUdinense, Empilo neSalernitana okungamaqembu ase-Italy. ESweden uyibambe kwiDjugarden okuyizinkunzi zakhona.
KwiBafana Bafana, uNomvethe ugijime imidlalo engu-81 wabhakuzisa enethini amagoli angu-16. Umbuzo okhona ngothi ngabe uBhele uzobe edlala umdlalo wakhe wokugcina yini ngempelasonto noma usazimisele ngokuqhubeka? Le nsizwa ikubeke kwacaca ukuthi ayinazo izinhlelo zokuyeka ibhola.
“Ngicabanga ukuthi ngizoqhubeka nokudlala ibhola. Inkontileka yami iyaphela eqenjini. Ngibheke ukuthola ithuba lokudlala enye isizini lapha eqenjini. Nokho ngizolinda iqembu ukuthi kubeyilona elithatha isinqumo. Nami ngeke ngivele ngiyeke ukudlala ibhola ngoba lifana nesiphiwo kimina.
“UNkulunkulu ungiphile ikhono ngakho kumele ngilisebenzise. Okwamanje ngisadlala ngothando. Kunezikhathi eziningi ezimnandi ebholeni, angifuni nokuzibuyekeza ngoba angisilona lolo hlobo lomuntu,” kusho uNomvethe.
UBhele usedlale cishe kuyo yonke imiqhudelwano emikhulu emhlabeni. Uyibambe kumaOlympic Games e-Sydney, e-Australia ngo-2000 kwathi kusenjalo wagijima kwiNdebe yoMhlaba ngo-2002 eJapan/Korea nango-2010 eNingizimu Afrika.
Kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) udlale amahlandla amane ngo-2000 eNigeria naseGhana, ngo2002 eSenegal, ngo-2004 eTunisia, nango-2006 e-Egypt.
NgoMgqibelo uNomvethe uzobhekana noBenni McCarthy ocija iCape Town City. Bobabili babefana nethemba leBafana neqembu lesizwe lakuleli likaUnder 23 eminyakeni eyedlule.
“Kuzofana nempi ukubhekana neqembu likaBenni. Wayenguzakwethu (eqenjini lesizwe) futhi singabangani. Nokho into emqoka kulo mdlalo wukuthi sisebenzele amaqembu asiqashile. Sifuna ukunqoba umdlalo ngoba sidlala ekhaya. Ibhola linjalo-ke uma sekuqala umdlalo indaba yobungani ibuyiselwa eceleni. Uma umdlalo uqala siyalwa kodwa uma usuphela siyahleka futhi. Amaphuzu amathathu angasisiza ekutheni singene kwiTop 8,” kusho uNomvethe.
Usuthu selusindile ezembeni njengoba seluqoqe amaphuzu angu-35 emidlalweni engu-29. Usuthu belubalwa namaqembu abesengcupheni yokugawula yizembe ngesikhathi kuqala isizini kodwa lwakwazi ukusinda.
“Sizozama ngakho konke okusemandleni ukuthi sinqobe umdlalo wethu ukuze sizibeke ethubeni lokungena kwiTop 8. Ngijabule ngomsebenzi owenziwe ngozakwethu. Sibhekane nenqwaba yezingqinamba kodwa sakwazi ukudlula kuzona. Abaningi bebethi sizogawulwa yizembe kodwa kukhona into ebingitshela ukuthi ngeke sigawulwe yizembe,” kusho uNomvethe.
Usuthu luhlezi endaweni ka-11 kwi-log.