Bazohlangana emlenzeni wesibili uMiguel noLuvo
UZOTHOLA ithuba lokuziphindiselela uLuvo Manyonga kwimbangi yakhe yaseCuba, uJuan Miguel Echevarria, uma sebehlangana eShaghai, eChina emlenzeni wesibili we-IAAF Diamond League ngempelasonto.
UManyonga uya kule midlalo eshayela phezulu ngemuva kokunqoba isicoco sakhe sokuqala samaCommonwealth Games, e-Australia, ngenyanga edlule kodwa kufanele ukuthi kusamudla ukuthi u-Echevarria umncishe ithuba lokudla isicoco se-IAAF World Indoor ngesikhathi bencintisana eBirmingham, e-England ngoMashi.
Kule midlalo yase-England uManyonga wabuya nesiliva ngemuva kokugxuma u-8.44m kwathi u-Echevarria wagxuma u-8.46m wahamba negolide.
Nyakenye uMonyonga uyiqale kahle isizini yakhe yeDiamond League njengoba wafika eShanghai washaya irekhodi elisha lemidlalo egxuma u-8.65m osuyirekhodi laseAfrika, waqhubeka njalo kungekho omehlulayo ngo-2017.
Ngesikhathi edlala kumaCommonwealth Games unqobe igolide ngo-8.41m okusho ukuthi kuzomele alenyuse izinga eShanghai lapho kuzobe sekukhona nezilomo zakwamanye amazwe abengekho kule midlalo. Phakathi kwabanye abazobe bekhona kubalwa nompetha wama-Olympic uJeff Henderson wase-USA abebeqhuthana naye uManyonga kwakuncane indawo kule midlalo eyayibanjelwe eBrazil ngo-2016. UManyonga wagcina ethole indawo yesibili.
Abanye abadlali baseNingizimu Afrika abazobe beyibambe eShanghai umpetha uWenda Nel ozobe eyibambe kwi400m. USunette Viljoen odlala kwiJavelin akungatshazwa uzobe efuna ukwakhela kwithusi alithole kumaCommonwealth ephosa ibanga elingu-62.8m. Ngempelasonto edlule abadlali bakuleli benze kahle kwiDiamond League, eDoha.
UCaster Semenya udle umhlanganiso kwi-1500m eshaya irekhodi elisha lakuleli elingu-3:59:92.
UCarina Horn naye wenze kahle egijima isikhathi esingaphansi kuka-11s kwi-100m okuyirekhodi elisha laseNingizimu Afrika eselingu-10.98.