Kubatshazwa ikhono loweChiefs
AKUKHO ukungabaza ukuthi abalandeli beKaizer Chiefs balindele izinguquko eqenjini labo ngesizini ezayo njengoba lena ephelayo ibaphoxile, bezoyiqeda bengatholanga neyodwa indebe.
Ushintsho lokuqala okuphoqelekile ukuthi ilenze iChiefs ukuthola umqeqeshi omusha ngoba uSteve Komphela usulile emasontweni edlule ngemuva kwezixakaxaka eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Nokho nakubadlali kubhekiwe ukuthi kube khona abadedelwayo bese kuthengwe abanye, noma kube khona abakhushulwayo besuka enkulisa yeqembu.
Iqembu leChiefs eliyibamba kwiMultichoice Diski Challenge (MDC) eliholwa ngu-Arthur Zwane ligcine likhombise ukuhlangana ekugcineni njengoba liwine iMultichoice Diski Shield ebiqala ukuba khona kule sizini. Kunabadlali baleli qembu elincane abakhombise ukuthi sebevuthiwe futhi sebengakhushulelwa eqenjini elikhulu.
Ogqame kakhulu umgadli uYusuf Bunting (22) abaningi abakholwa ukuthi kumele ngabe ubedlala eqenjini elikhulu kule sizini esongwayo. Lo mgadli ukhombise ukuvuthwa okukhulu eshayela iqembu lakhe amagoli abalulelkile futhi noZwane uzwakalise ukuziqhenya okukhulu ngaye.
“Sengivele ngikulindele ukuthi eqenjini lami uzobe engekho uBunting ngesizini ezayo. Nokho anginayo inkinga ngoba umongo wabadlali ebesidlala ngabo kule sizini uzosala bese sikwazi ukuqhubeka kahle,” kusho uZwane.
Lo mqeqeshi uvumile naye ukuthi uBunting kumele ngabe kade enyukela eqenjini elikhulu kodwa kube nezinto ebezilokhu zimthikameza.
“Kule minyaka emithathu noma emine edlule uBunting ubelokhu ehlushwa ukulimala okuyinto embambezele kakhulu. Kufanele ngabe kade aqala ukudlala eqenjini elikhulu. Nangesikhathi iqembu leMDC lisaphethwe u-Ace Khuse wayelokhu ehlushwa ukulimala. Akukho ukungabaza ukuthi ungumdlali obukhali phambi kwamapali,” kubeka uZwane.
“Nakule sizini kuyabongeka nje ukuthi udlale imidlalo efinyelela kweyisikhombisa futhi wenza kahle. Kodwa uma uwubonile umdlalo wethu wokugcina sibhekene neMamelodi Sundowns (weMD Shield) uzokhumbula ukuthi ubefake into emnyama esandleni. Uke waphuka isandla okufakazela lokhu engikushoyo ukuthi uhlale elimala. Kodwa ngiyazi ukuthi uma engake angalimali uzohlale ewashaya amagoli. Ngaqala ukumqeqesha kwiUnder 15 nakhona wawumbona ukuthi akaphatheki kahle uma engalishayanga igoli. Kunezinto ezincane nje okumele sizilungise kuyena,” kusho uZwane.
Phakathi kwezinto ezibulale iChiefs kule sizini ephelayo kubalwa ukuhluleka ukushaya amagoli yize beyakha inqwaba yamathuba. Akungabazeki ukuthi izomdinga umgadli ozolekelela uLeonardo Castro noRyan Moon. Imidlalo ye-Absa Premiership: NgoMgqibelo ngo-3 ntambama: SuperSport United v Baroka (Lucas Moripe Stadium); Polokwane City v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium); Maritzburg United v Lamontville Golden Arrows (Harry Gwala Stadium); Platinum Stars v Bidvest Wits (Royal Bafokeng Stadium); Ajax Cape Town v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium); Orlando Pirates v Free State Stadium); Bloemfontein Celtic v Mamelodi Sundowns (Dr Molemela Stadium); AmaZulu v Cape Town City (King Zwelithini Stadium)