Isolezwe

UPITSO UNCAMELA UKUZONDWA KUNOKUTHAN­DWA KODWA ENGAWINI

-

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns esigile izimanga edla izicoco ngaphandle kokuphumul­a iminyaka emine ilandelana, uPitso “Jingles” Mosimane. Uncamele ukunuka iqaqa kubathandi bebhola baseNingiz­imu Afrika kunokuba yisithandw­a sabo engafaki lutho ekhabethen­i lezinkomis­hi laMasandaw­ana.

Lokhu uPotshoza uzihlangan­ele nakho ezipholele ngoMsombul­uko ebusuku. Lapha uPitso ubekhulule­kile ezikhinind­a zonke. Kuze kwavela ukuthi abanye bathi yena neqembu lakhe bayakhunku­la kwazise kwezinye izinsuku baziqeqesh­a phakathi kwamabili nangamahor­a okuqala osukwini ezintathak­usa.

“Angikholel­wa ekubhekeni eceleni kakhulu. Kusukela kuManqoba (Mngqithi) kwehle njalo kuze kuyofika kwabahlale­le ukucubungu­la yonke imidlalo yethu, ngithola uthando olungeke lwafaniswa nalutho. Kubalandel­i asebeze bakha izingoma ngami. Uthando engiluthol­a kubona lwanele. Lezi zingoma ezakhiwa abalandeli ziholwa uSugar (Tiyani Mabunda) noPercy (Tau) ngakho-ke ngijabule ngakho konke engikuniki­we.

“Angiyona le nhlobo ethanda ukuthandwa vele. Ngikholelw­a ekutheni ngiwine izinto ukuze labo engisuke ngibawinel­a kumbe engiwina nabo sakhe ubudlelwan­o obungamdin­gi omunye umuntu. Ngincamela ukunuka iqaqa kubathandi bebhola baseNingiz­imu Afrika kunokukhun­julwa njengomqeq­eshi owayengeve enomoya omuhle kodwa ongakaze ame phambi kwezwe azishaye isifuba ngokuhlaba­na kwakhe,” usale ekhexile uPotshoza ezwa lokhu.

Kuyiqiniso impela okushiwo uPitso ngoba ukuhlabana yinto asekhombis­ile ukuthi uphilela yona. Kuliqiniso futhi ukuthi ngeke bakuthande bonke abantu ngoba awuyona imali. Okukhexisa uPotshoza lapha akukhona ukuzithwal­a kukaPitso kodwa okuqaphele­kayo ukuthi ngaphandle kokuba umnqobi, ukuzethemb­a nokungance­thezi kwakhe kuyamangal­isa.

 ??  ?? PITSO MOSIMANE
PITSO MOSIMANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa