BALENGELWA YIZEMBE ABADLALI BE-DOWNS BANGAPHANDLE
oshiyayo kwiKaizer Chiefs ekupheleni kwenyanga ezayo.
UKhuzwayo uvele useyibhalele iChiefs incwadi eyazisa ngokuthi ngeke abuyele kuyo ngesizini ezayo. Lo nozinti ubengalitholi ijezi njengoba bekugiya u-Itumeleng Khune yonke isizinii. Uke wacela ukuthi adlaliswe imidlalo yomkhumulajezi, uKhune abhekana neyeligi kodwa iChiefs yangasivuma leso sicelo.
UPotshoza uhabule ngomthombo wakhe osondelene naye lo nozinti izindaba ezithi uKhuzwayo uya kwiBucs.
“Wasayina ngoJanuwari inkontileka yesibambiso. Kona-ke kunezinto ezingacaci enkontilekeni yakhe, okusamele kuxoxwe ngazo. Nokho yena uya kwiPirates uma sekulungiswe yonke into ngendlela,” kusho umthombo.
KwiBucs uKhuzwayo uzobanga ijezi noSiyabonga Mpontshane noJeckson Mabokgwane. Bobabili labo nozinti sebeke babizwa kwiBafana Bafana phambilini, kanti naye uKhuzwayo useke waligqoka ijezi leqembu lesizwe.
KUZOHLALUKA maduze ukuthi yimuphi umdlali weMamelodi Sundowns ozochithwa njengoba iqembu lisanda kumemezela ukuthi lisayinise uToni Silva waseGuineaBissau.
Njengamanje iSundowns ayinayo indawo yomdlali wangaphandle njengoba kukhona uJeremy Brockie, Bangaly Soumahoro, Ricardo Nascimento, Gaston Sirino noRazak Brimah.
USilva uzofika ekuqaleni kwesizini entsha ngakho iSundowns kumele isheshe ithathe isinqumo ngokuthi yimuphi umdlali ezomdedela kulabo enabo bangaphandle.
Emasontweni adlule umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane uvumile ukuthi kukhona umdlali asebemsayinisile yize engathandanga ukudalula igama lakhe.
“Ukhona umdlali esesimsayinisile futhi kukhona omunye esizomsayinisa maduze nje,” kusho uMosimane.
“ISundowns ayisayenzi le nto yokusayinisa abadlali abangu-15. Kuba ababili noma abathathu njalo futhi siyazi ukuthi sifuna bani. Siyazi lapho kumele siqinise khona ngakho ngeke sivele siyothenga bonke abadlali esihlangana nabo.”
USilva uke wadlala eqenjini elincane leChelsea neleLiverpool okungamaqembu ase-England.
Uke wayibamba nakwiNothampton neBarnsley.