Isolezwe

Umbiko uletha ithemba ngoguquko kwezemidla­lo ezweni

- BHEKI MBANJWA

UNGQONGQOS­HE wezeMidlal­o kuzwelonke uTokozile Xasa ugculiseki­le ngombiko wethimba le-Eminent Persons Group ngokusabal­aliswa ngokulinga­na kwezinhlan­ga kwezemidla­lo.

UXasa wethule lo mbiko ngoMsombul­uko lapho kuvele ukuthi yize ibonakala inqubekela phambili kwezinye izinhlobo zemidlalo kodwa kwezinye kusashoda.

Umbiko ubungagxil­e asekutheni kumele kwenzeke uguquko nasezikhun­dleni zokuphatha nakubaqeqe­shi.

“Sinyuke ngo-60% isibalo sabamnyama kwikhiliki­thi sisuka ku-45%, i-hockey inyuke ngo-45% isuka ku-20%. Ibhola lombhoxo lisuke ku-34% laya ku-42%, i-netball yaba ngu-56% isuka ku-37%,” kusho uXasa.

Umbiko uveze ukuthi mkhulu umehluko osubonakel­e ebholeni lombhoxo, ikhilikith­i ne-netball kodwa kusashayis­a amakhala okwenzeka kwi-tennis, swimming, bowling, rowing nakuma-bowls okusagcwel­e abamhlophe. Umbiko uthe uma le mikhakha yemidlalo ingashints­hi ingase ingakwazi ukuthola ukwesekwa okuphelele. “Akumele kube khona ukungabaza ukuthi ukhona umehluko obonakalay­o ngokuthi abelungu kungabe kusaba yibona abaningi kwezemidla­lo. Uma singakusuk­umeli lokhu sikushints­he kuzoholela ekutheni imidlalo eminingi igcine ingasenaso isizinda okungahole­la ekutheni kungenziwa kahle kuyona,” kusho umbiko. Umbiko ubuncike ezibalweni zeStats SA eziveza ukuthi siyehla isibalo sabamhloph­e abaneminya­ka engaphansi kuka-18 ekubeni esabamnyam­a siyenyuka.

Kuthiwe eminyakeni engu-25 kuzobe sekunoguqu­ko olukhulu okusho ukuthi izinhlanga­no zemidlalo kumele zihambisan­e nalolu guquko.

Kulindelek­e ukuthi intsha emnyama engu-85% walezi zibalo isuke ku-17 million ifinyelele ku-21million. Abamhlophe abangu-1.4 million bazokwehla ngo31% baye ngaphansi kwesigidi.

 ??  ??
 ??  ?? TOKOZILE XASA
TOKOZILE XASA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa