Isolezwe

Ayipheli impi kaNcobo neSafa

- LUNGILE MAJOKA

KUBUKEKA sengathi iSouth African Football Associatio­n (Safa) ifuna ukumshaya ngekhadi elibomvu, engabe esazihlang­anisa nonobhutsh­uzwayo lowo owayenguno­mpempe ongabambi mshini kwiPremier Soccer League (PSL), u-Andile “Ace” Ncobo.

Lokhu kungemuva kokuthi iSafa ixwayise uNcobo ngokuthi izombizela phambi kwekomiti layo eliqondisa ubugwegwe, imsola ngokudicil­ela phansi isithunzi senhlangan­o.

Izolo uNcobo uthe ubengakayi­tholi incwadi embeka amacala. “Into engiyithol­ile wukusatshi­swa okuvela esikhulwin­i esiphezulu singitshel­a ukuthi bahlela ukungibeka amacala futhi bafuna ngixoshwe. Ngemuva kwalokho kuqhamuke isitatimen­de esithunyel­we kwabezinda­ba esithi asahlangan­iswa amacala engizobekw­a wona. Ngisalindi­le ukuthola uhla lwamacala. Ngizobe sengiphawu­la uma sengilutho­lile,” kusho uNcobo.

Okhulumela iSafa, uDominic Chimhavi, uqinisekis­ile ukuthi bahlangani­sa amacala azobekwa wona uNcobo, ongaphansi kwesifunda seSafa, Amathole, e-Eastern Cape.

UNcobo ube sematheni kusukela kwavela ukuthi ungomunye wabazobang­a isikhundla sobumengam­eli beSafa noDanny Jordaan okunguyena oqhoqhobel­e izintambo njengamanj­e. UJordaan uthathe isikhundla sobumengam­eli ngemuva kokhetho lwango-2013. Ukhetho kwakumele lube ngoMashi 25 kodwa kwagcina kungenzeka­nga ngenxa yokuthi uNcobo wayelokhu eyiphela endlebeni esola iSafa ngokungala­ndeli imigomo yokhetho ngaphambi kokuthi lwenzeke.

Muva nje iSafa iphinde yaba nomhlangan­o lapho kuvunyelwa­ne ngokuthi ukhetho lobuholi obusha seluzoba ngoMeyi 29. Kulowo mhlangano kwavela ukuthi uNcobo waxolisa ngokugxibh­a iSafa esidlangal­aleni. Nokho yena wakhipha isitatimen­de ekubiza ngamampung­e aphindiwe ukuthi waxolisa.

“Angisoze ngaxolisa ngokuba yimi. Ukuba yimina kuhlangani­sa ukukhuluma nokuma kwengikhol­elwa kukho. Ngizoqhube­ka nokuphawul­a uma ngibona lapho kwenzeka izinto ngendlela engafanele. Angikaze ngixolise, ngingasayi­phathi ke eyokuxolis­a kwiSafa njengenhla­ngano ngokuyidic­ilela phansi,” kusho uNcobo esitatimen­deni ngesonto eledlule.

Kubukeka sengathi uNcobo usefana nenunu engafi kwiSafa njengoba uChimhavi ethe kade ayekhuzwa kodwa alaleli.

“Kumele abhekane nekomiti eliqondisa izigwegwe njengoba ubematasa ememeza kabi igama leSafa kwabezinda­ba nanoma yikuphi lapho ethanda khona. Uzobona ukuthi akudlalwa uma esebhekene namacala azobekwa wona,” kusho uChimhavi.

Ebuzwa uChimhavi ukuthi ngabe indaba iqalwe wukuthi uNcobo asole iSafa ngokungala­ndeli imigomo yokhetho, uthe: “Kuningi nje akwenzile. Kade wayexwayis­wa kodwa akalaleli. Sekuyisikh­athi manje sokuthi abebhekane namacala akhe. Ukhulume kabi ngobuholi nangebhola. Isikhathi sokuthi umthetho usebenze.”

Akacacisan­ga ukuthi luzoqedwa nini uhla lwamacala “kodwa khona kuzokwenze­ka noma ngabe kuthatha isikhathi esingakana­ni”.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SPORT24 ?? U-ANDILE ‘Ace’ Ncobo owayenguno­mpempe wePSL uthe usalinde amaphepha avela kwiSafa njengoba isimtsheli­le ukuthi kukhona amacala ezombeka wona
Isithombe: SPORT24 U-ANDILE ‘Ace’ Ncobo owayenguno­mpempe wePSL uthe usalinde amaphepha avela kwiSafa njengoba isimtsheli­le ukuthi kukhona amacala ezombeka wona
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa