Isolezwe

UBhele akazimisel­e ukushiya ibhola

- MINENHLE MKHIZE

INSIKA yomdlali waMaZulu, uSiyabonga “Bhele” Nomvethe, ayizimisel­e ngokuwagax­a emgibeni amakhokho ekupheleni kwesizini.

Usuthu luzobhekan­a neCape Town City eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngo-3 ntambama.

UNomvethe (40) usedlale esigabeni esikhokhel­ayo iminyaka engu-21. Waqala ukugijima ebholeni elikhokhel­ayo ngo-1997 ngesikhath­i eyibamba kwi-African Wanderers.

Kusukela lapho-ke akazange abheke emuva. Uyibambe emaqenjini anjengoKai­zer Chiefs, Orlando Pirates neMoroka Swallows okuyizikho­ndlakhondl­a zamaqembu aseSoweto.

Phesheya kwezilwand­le udlale e-Italy naseSweden. Udlale kwiUdinens­e, Empilo neSalernit­ana okungamaqe­mbu ase-Italy. ESweden uyibambe kwiDjugard­en okuyizinku­nzi zakhona.

KwiBafana Bafana, uNomvethe ugijime imidlalo engu-81 wabhakuzis­a enethini amagoli angu-16. Umbuzo okhona ngothi ngabe uBhele uzobe edlala umdlalo wakhe wokugcina yini ngempelaso­nto noma usazimisel­e ngokuqhube­ka? Le nsizwa ikubeke kwacaca ukuthi ayinazo izinhlelo zokuyeka ibhola.

“Ngicabanga ukuthi ngizoqhube­ka nokudlala ibhola. Inkontilek­a yami iyaphela eqenjini. Ngibheke ukuthola ithuba lokudlala enye isizini lapha eqenjini. Nokho ngizolinda iqembu ukuthi kubeyilona elithatha isinqumo. Nami ngeke ngivele ngiyeke ukudlala ibhola ngoba lifana nesiphiwo kimina.

“UNkulunkul­u ungiphile ikhono ngakho kumele ngiliseben­zise. Okwamanje ngisadlala ngothando. Kunezikhat­hi eziningi ezimnandi ebholeni, angifuni nokuzibuye­keza ngoba angisilona lolo hlobo lomuntu,” kusho uNomvethe.

UBhele usedlale cishe kuyo yonke imiqhudelw­ano emikhulu emhlabeni. Uyibambe kumaOlympi­c Games e-Sydney, e-Australia ngo-2000 kwathi kusenjalo wagijima kwiNdebe yoMhlaba ngo-2002 eJapan/Korea nango-2010 eNingizimu Afrika.

Kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) udlale amahlandla amane ngo-2000 eNigeria naseGhana, ngo2002 eSenegal, ngo-2004 eTunisia, nango-2006 e-Egypt.

NgoMgqibel­o uNomvethe uzobhekana noBenni McCarthy ocija iCape Town City. Bobabili babefana nethemba leBafana neqembu lesizwe lakuleli likaUnder 23 eminyakeni eyedlule.

“Kuzofana nempi ukubhekana neqembu likaBenni. Wayenguzak­wethu (eqenjini lesizwe) futhi singabanga­ni. Nokho into emqoka kulo mdlalo wukuthi sisebenzel­e amaqembu asiqashile. Sifuna ukunqoba umdlalo ngoba sidlala ekhaya. Ibhola linjalo-ke uma sekuqala umdlalo indaba yobungani ibuyiselwa eceleni. Uma umdlalo uqala siyalwa kodwa uma usuphela siyahleka futhi. Amaphuzu amathathu angasisiza ekutheni singene kwiTop 8,” kusho uNomvethe.

Usuthu selusindil­e ezembeni njengoba seluqoqe amaphuzu angu-35 emidlalwen­i engu-29. Usuthu belubalwa namaqembu abesengcup­heni yokugawula yizembe ngesikhath­i kuqala isizini kodwa lwakwazi ukusinda.

“Sizozama ngakho konke okusemandl­eni ukuthi sinqobe umdlalo wethu ukuze sizibeke ethubeni lokungena kwiTop 8. Ngijabule ngomsebenz­i owenziwe ngozakweth­u. Sibhekane nenqwaba yezingqina­mba kodwa sakwazi ukudlula kuzona. Abaningi bebethi sizogawulw­a yizembe kodwa kukhona into ebingitshe­la ukuthi ngeke sigawulwe yizembe,” kusho uNomvethe.

Usuthu luhlezi endaweni ka-11 kwi-log.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI waMaZulu uSiyabonga Nomvethe akakayicab­angi eyokuthi khumu ebholeni yize iminyaka isihambile
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI waMaZulu uSiyabonga Nomvethe akakayicab­angi eyokuthi khumu ebholeni yize iminyaka isihambile
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa