Isolezwe

Bazohlanga­na emlenzeni wesibili uMiguel noLuvo

- LUNGILE MAJOKA

UZOTHOLA ithuba lokuziphin­diselela uLuvo Manyonga kwimbangi yakhe yaseCuba, uJuan Miguel Echevarria, uma sebehlanga­na eShaghai, eChina emlenzeni wesibili we-IAAF Diamond League ngempelaso­nto.

UManyonga uya kule midlalo eshayela phezulu ngemuva kokunqoba isicoco sakhe sokuqala samaCommon­wealth Games, e-Australia, ngenyanga edlule kodwa kufanele ukuthi kusamudla ukuthi u-Echevarria umncishe ithuba lokudla isicoco se-IAAF World Indoor ngesikhath­i bencintisa­na eBirmingha­m, e-England ngoMashi.

Kule midlalo yase-England uManyonga wabuya nesiliva ngemuva kokugxuma u-8.44m kwathi u-Echevarria wagxuma u-8.46m wahamba negolide.

Nyakenye uMonyonga uyiqale kahle isizini yakhe yeDiamond League njengoba wafika eShanghai washaya irekhodi elisha lemidlalo egxuma u-8.65m osuyirekho­di laseAfrika, waqhubeka njalo kungekho omehlulayo ngo-2017.

Ngesikhath­i edlala kumaCommon­wealth Games unqobe igolide ngo-8.41m okusho ukuthi kuzomele alenyuse izinga eShanghai lapho kuzobe sekukhona nezilomo zakwamanye amazwe abengekho kule midlalo. Phakathi kwabanye abazobe bekhona kubalwa nompetha wama-Olympic uJeff Henderson wase-USA abebeqhuth­ana naye uManyonga kwakuncane indawo kule midlalo eyayibanje­lwe eBrazil ngo-2016. UManyonga wagcina ethole indawo yesibili.

Abanye abadlali baseNingiz­imu Afrika abazobe beyibambe eShanghai umpetha uWenda Nel ozobe eyibambe kwi400m. USunette Viljoen odlala kwiJavelin akungatsha­zwa uzobe efuna ukwakhela kwithusi alithole kumaCommon­wealth ephosa ibanga elingu-62.8m. Ngempelaso­nto edlule abadlali bakuleli benze kahle kwiDiamond League, eDoha.

UCaster Semenya udle umhlangani­so kwi-1500m eshaya irekhodi elisha lakuleli elingu-3:59:92.

UCarina Horn naye wenze kahle egijima isikhathi esingaphan­si kuka-11s kwi-100m okuyirekho­di elisha laseNingiz­imu Afrika eselingu-10.98.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBONGINKOS­I Ntuli obolekiswe kwiPlatinu­m Stars akasafuni ukuhlala kwiMamelod­i Sundowns ngoba akekho ezinhlelwe­ni zayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBONGINKOS­I Ntuli obolekiswe kwiPlatinu­m Stars akasafuni ukuhlala kwiMamelod­i Sundowns ngoba akekho ezinhlelwe­ni zayo
 ??  ?? LUVO MANYONGA
LUVO MANYONGA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa