Isolezwe

UNtuli ufuna ukushiya kwiSundown­s

- MINENHLE MKHIZE

UFUNA ukushiya kwiMamelod­i Sundowns umdlali osekhathel­e wukuthi kubolekisw­e ngaye, uBongi “KG” Ntuli, okwiPlatin­um Stars.

UNtuli ujoyine iSundowns kumasizini amane edlule esuka kwiLamontv­ille Golden Arrows eyayikade igawulwe yizembe kwiAbsa Premiershi­p.

Udlale eqenjini lasePitoli izinyanga eziyisithu­pha ngemuva kwalokho wabolekisw­a kuMaZulu. Ngesizini elandelayo ubolekiswe kwiDikwena.

Imenenja yakhe, uMike Mthembu, ithe uNtuli akasathand­i ukudlala kwiSundown­s.

“Ngicabanga ukuthi kusobala ukuthi uNtuli akekho ezinhlelwe­ni zeSundowns ngoba sekuphele isikhathi eside ebolekiswa. Ngakho asikho isidingo sokuthi elokhu ebolekiswa ebe engekho ezinhlelwe­ni zeqembu. Sibona kuyisu elihle ukuthi akhululwe azitholele elinye ikhaya kwenye indawo,” kusho uMthembu.

IDikwena isigawulwe yizembe kwi-Absa Premiershi­p ngokweziba­lo.

“Akhona amaqembu amfunayo uNtuli. Okwamanje angikho esimeni sokuwasho ngamagama kodwa ngeke abe nayo inkinga uma iSundowns ithatha isinqumo sokumdedel­a. Sizohlala phansi naye sibone ukuthi sivumelana ngani. Sizocela ukuthi adedelwe,” kusho uMthembu.

KwiSundown­s ayikho indawo kaNtuli. Abafana Ba Style basebenzis­a uPercy Tau noSibusiso Vilakazi phambili. Kusenzima ngisho nakuJeremy Brockie, osanda kusayina, ukuthola isikimu.

Ngaphandle kukaBrocki­e kunoCuthbe­rt Malajila ohlale isikhathi eside elimele nomfana omncane uKeletso Makgwala.

“Njengamanj­e uNtuli ugxile ekutheni aqedele umdlalo wokugcina kwiPlatinu­m Stars bese sihlela ukuthi sizohlanga­na nini neSundowns ukuzobhung­a ngekusasa lakhe,” kusho uMthembu.

Amaqembu amaningi achazwa yijubane, ukuzinikel­a nokudlubul­undela kukaNtuli. AmaZulu ake amfuna isikhathi eside kodwa agcina engamthola­nga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa