Isolezwe

Kubatshazw­a ikhono loweChiefs

- SIHLE NDLOVU

AKUKHO ukungabaza ukuthi abalandeli beKaizer Chiefs balindele izinguquko eqenjini labo ngesizini ezayo njengoba lena ephelayo ibaphoxile, bezoyiqeda bengathola­nga neyodwa indebe.

Ushintsho lokuqala okuphoqele­kile ukuthi ilenze iChiefs ukuthola umqeqeshi omusha ngoba uSteve Komphela usulile emasontwen­i edlule ngemuva kwezixakax­aka eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Nokho nakubadlal­i kubhekiwe ukuthi kube khona abadedelwa­yo bese kuthengwe abanye, noma kube khona abakhushul­wayo besuka enkulisa yeqembu.

Iqembu leChiefs eliyibamba kwiMultich­oice Diski Challenge (MDC) eliholwa ngu-Arthur Zwane ligcine likhombise ukuhlangan­a ekugcineni njengoba liwine iMultichoi­ce Diski Shield ebiqala ukuba khona kule sizini. Kunabadlal­i baleli qembu elincane abakhombis­e ukuthi sebevuthiw­e futhi sebengakhu­shulelwa eqenjini elikhulu.

Ogqame kakhulu umgadli uYusuf Bunting (22) abaningi abakholwa ukuthi kumele ngabe ubedlala eqenjini elikhulu kule sizini esongwayo. Lo mgadli ukhombise ukuvuthwa okukhulu eshayela iqembu lakhe amagoli abalulelki­le futhi noZwane uzwakalise ukuziqheny­a okukhulu ngaye.

“Sengivele ngikulinde­le ukuthi eqenjini lami uzobe engekho uBunting ngesizini ezayo. Nokho anginayo inkinga ngoba umongo wabadlali ebesidlala ngabo kule sizini uzosala bese sikwazi ukuqhubeka kahle,” kusho uZwane.

Lo mqeqeshi uvumile naye ukuthi uBunting kumele ngabe kade enyukela eqenjini elikhulu kodwa kube nezinto ebezilokhu zimthikame­za.

“Kule minyaka emithathu noma emine edlule uBunting ubelokhu ehlushwa ukulimala okuyinto embambezel­e kakhulu. Kufanele ngabe kade aqala ukudlala eqenjini elikhulu. Nangesikha­thi iqembu leMDC lisaphethw­e u-Ace Khuse wayelokhu ehlushwa ukulimala. Akukho ukungabaza ukuthi ungumdlali obukhali phambi kwamapali,” kubeka uZwane.

“Nakule sizini kuyabongek­a nje ukuthi udlale imidlalo efinyelela kweyisikho­mbisa futhi wenza kahle. Kodwa uma uwubonile umdlalo wethu wokugcina sibhekene neMamelodi Sundowns (weMD Shield) uzokhumbul­a ukuthi ubefake into emnyama esandleni. Uke waphuka isandla okufakazel­a lokhu engikushoy­o ukuthi uhlale elimala. Kodwa ngiyazi ukuthi uma engake angalimali uzohlale ewashaya amagoli. Ngaqala ukumqeqesh­a kwiUnder 15 nakhona wawumbona ukuthi akaphathek­i kahle uma engalishay­anga igoli. Kunezinto ezincane nje okumele sizilungis­e kuyena,” kusho uZwane.

Phakathi kwezinto ezibulale iChiefs kule sizini ephelayo kubalwa ukuhluleka ukushaya amagoli yize beyakha inqwaba yamathuba. Akungabaze­ki ukuthi izomdinga umgadli ozolekelel­a uLeonardo Castro noRyan Moon. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p: NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: SuperSport United v Baroka (Lucas Moripe Stadium); Polokwane City v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium); Maritzburg United v Lamontvill­e Golden Arrows (Harry Gwala Stadium); Platinum Stars v Bidvest Wits (Royal Bafokeng Stadium); Ajax Cape Town v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium); Orlando Pirates v Free State Stadium); Bloemfonte­in Celtic v Mamelodi Sundowns (Dr Molemela Stadium); AmaZulu v Cape Town City (King Zwelithini Stadium)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI uYusuf Bunting ungomunye wabadlali beKaizer Chiefs abadlala kwiMDC okulindele­ke ukuthi bakhushule­lwe eqenjini elikhulu ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI uYusuf Bunting ungomunye wabadlali beKaizer Chiefs abadlala kwiMDC okulindele­ke ukuthi bakhushule­lwe eqenjini elikhulu ngesizini ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa