U-Ertugral ubalisa ngokunqindwa amandla
UMQEQESHI we-Ajax Cape Town, uMuhsin Ertugral, ufanise umdlalo wezakhe wokusonga isizini neKaizer Chiefs nokuya empini yezibhamu ungasiphathi esakho kodwa uhlome ngommese.
U-Ertugral, obhekwe yisambane kwi-Absa Premiership, ubalise ngokungavunyelwa ukudlalisa umgadli wakhe waseZimbabwe, uTendai Ndoro (osesithombeni), akholwa wukuthi ubezoba nomthelela omkhulu emdlalweni ongoMgqibelo ngo-3 ntambama eCape Town Stadium.
U-Ertugral, ozobhekana neqembu elamletha eNingizimu Afrika, ukholwa wukuthi i-Ajax inalo ithuba lokuwina, inqobo nje uma izoma esigqini sayo sasekhaya. Ngokwakhe, ingcindezi yokuqeda endaweni ehamba negunya lokudlala kwiCAF Confederation Cup, ingase ibe nkulu kunoPatrick Mabedi oke wasebenza naye.
Ngesikhathi uMabedi esengukaputeni weChiefs, u-Ertugral wayenguqeqeshi waze wadla isicoco sase-Afrika ngo-2001. Nangesikhathi eqashwa kwiMpumalanga Black Aces ulande uMabedi ukuba azomsiza njengephini.
“Ngifunde lukhulu ku-Ertugral eminyakeni edlule kodwa uma sesihlangana enkundleni lokhu kuzoma kancane imizuzu ewu-90 ngoba angifuni ukwaziwa njengomuntu owanikwa iChiefs ukuba ayihlenge ehlazweni kodwa wehluleka,” kusho uMabedi.
“Ukuqeqesha iChiefs into engiyazi kahle. Njengoba ibe nesizini enjena nje, nakanjani ingathanda ukuzesula izinyembezi ngokunqoba umdlalo ukuze iqede okungenani ingenile emidlalweni yeCAF. Kuyinkinga lokhu futhi noMabedi uyakwazi. Yithina esiwadinga kakhulu amaphuzu kunabo. Indlela esidlale ngayo ekhaya kule sizini ingimisa idolo ngalo mphumela odingekayo ngoMgqibelo,” kusho u-Ertugral.
Uyakhala ngokuvunyelwa aphinde aphucwe igunya lokusebenzisa uNdoro .“Kufana nokuthi angiye empini nabantu abaphethe izibhamu kodwa mina nginikwe ummese. Angikholwa ukuthi umthetho uhamba kanjalo ngoba kunongabazane ngamaphuzu ethu nje, akukho lapho sike sasebenzisa khona inkani yethu. Sinikiwe igunya lokudlalisa uNdoro saphinde saphucwa. Wonke amaphuzu esiwathole edlala asifanele ngoba besinegunya lokumdlalisa. Asethukile ngoba akukho phutha esilenzile.”