UPITSO UNCAMELA UKUZONDWA KUNOKUTHANDWA KODWA ENGAWINI
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns esigile izimanga edla izicoco ngaphandle kokuphumula iminyaka emine ilandelana, uPitso “Jingles” Mosimane. Uncamele ukunuka iqaqa kubathandi bebhola baseNingizimu Afrika kunokuba yisithandwa sabo engafaki lutho ekhabetheni lezinkomishi laMasandawana.
Lokhu uPotshoza uzihlanganele nakho ezipholele ngoMsombuluko ebusuku. Lapha uPitso ubekhululekile ezikhininda zonke. Kuze kwavela ukuthi abanye bathi yena neqembu lakhe bayakhunkula kwazise kwezinye izinsuku baziqeqesha phakathi kwamabili nangamahora okuqala osukwini ezintathakusa.
“Angikholelwa ekubhekeni eceleni kakhulu. Kusukela kuManqoba (Mngqithi) kwehle njalo kuze kuyofika kwabahlalele ukucubungula yonke imidlalo yethu, ngithola uthando olungeke lwafaniswa nalutho. Kubalandeli asebeze bakha izingoma ngami. Uthando engiluthola kubona lwanele. Lezi zingoma ezakhiwa abalandeli ziholwa uSugar (Tiyani Mabunda) noPercy (Tau) ngakho-ke ngijabule ngakho konke engikunikiwe.
“Angiyona le nhlobo ethanda ukuthandwa vele. Ngikholelwa ekutheni ngiwine izinto ukuze labo engisuke ngibawinela kumbe engiwina nabo sakhe ubudlelwano obungamdingi omunye umuntu. Ngincamela ukunuka iqaqa kubathandi bebhola baseNingizimu Afrika kunokukhunjulwa njengomqeqeshi owayengeve enomoya omuhle kodwa ongakaze ame phambi kwezwe azishaye isifuba ngokuhlabana kwakhe,” usale ekhexile uPotshoza ezwa lokhu.
Kuyiqiniso impela okushiwo uPitso ngoba ukuhlabana yinto asekhombisile ukuthi uphilela yona. Kuliqiniso futhi ukuthi ngeke bakuthande bonke abantu ngoba awuyona imali. Okukhexisa uPotshoza lapha akukhona ukuzithwala kukaPitso kodwa okuqaphelekayo ukuthi ngaphandle kokuba umnqobi, ukuzethemba nokungancethezi kwakhe kuyamangalisa.