Isolezwe

BALENGELWA YIZEMBE ABADLALI BE-DOWNS BANGAPHAND­LE

-

oshiyayo kwiKaizer Chiefs ekupheleni kwenyanga ezayo.

UKhuzwayo uvele useyibhale­le iChiefs incwadi eyazisa ngokuthi ngeke abuyele kuyo ngesizini ezayo. Lo nozinti ubengalith­oli ijezi njengoba bekugiya u-Itumeleng Khune yonke isizinii. Uke wacela ukuthi adlaliswe imidlalo yomkhumula­jezi, uKhune abhekana neyeligi kodwa iChiefs yangasivum­a leso sicelo.

UPotshoza uhabule ngomthombo wakhe osondelene naye lo nozinti izindaba ezithi uKhuzwayo uya kwiBucs.

“Wasayina ngoJanuwar­i inkontilek­a yesibambis­o. Kona-ke kunezinto ezingacaci enkontilek­eni yakhe, okusamele kuxoxwe ngazo. Nokho yena uya kwiPirates uma sekulungis­we yonke into ngendlela,” kusho umthombo.

KwiBucs uKhuzwayo uzobanga ijezi noSiyabong­a Mpontshane noJeckson Mabokgwane. Bobabili labo nozinti sebeke babizwa kwiBafana Bafana phambilini, kanti naye uKhuzwayo useke waligqoka ijezi leqembu lesizwe.

KUZOHLALUK­A maduze ukuthi yimuphi umdlali weMamelodi Sundowns ozochithwa njengoba iqembu lisanda kumemezela ukuthi lisayinise uToni Silva waseGuinea­Bissau.

Njengamanj­e iSundowns ayinayo indawo yomdlali wangaphand­le njengoba kukhona uJeremy Brockie, Bangaly Soumahoro, Ricardo Nascimento, Gaston Sirino noRazak Brimah.

USilva uzofika ekuqaleni kwesizini entsha ngakho iSundowns kumele isheshe ithathe isinqumo ngokuthi yimuphi umdlali ezomdedela kulabo enabo bangaphand­le.

Emasontwen­i adlule umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane uvumile ukuthi kukhona umdlali asebemsayi­nisile yize engathanda­nga ukudalula igama lakhe.

“Ukhona umdlali esesimsayi­nisile futhi kukhona omunye esizomsayi­nisa maduze nje,” kusho uMosimane.

“ISundowns ayisayenzi le nto yokusayini­sa abadlali abangu-15. Kuba ababili noma abathathu njalo futhi siyazi ukuthi sifuna bani. Siyazi lapho kumele siqinise khona ngakho ngeke sivele siyothenga bonke abadlali esihlangan­a nabo.”

USilva uke wadlala eqenjini elincane leChelsea neleLiverp­ool okungamaqe­mbu ase-England.

Uke wayibamba nakwiNotha­mpton neBarnsley.

 ??  ?? TONI SILVA
TONI SILVA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa