Umbiko uletha ithemba ngoguquko kwezemidlalo ezweni
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo kuzwelonke uTokozile Xasa ugculisekile ngombiko wethimba le-Eminent Persons Group ngokusabalaliswa ngokulingana kwezinhlanga kwezemidlalo.
UXasa wethule lo mbiko ngoMsombuluko lapho kuvele ukuthi yize ibonakala inqubekela phambili kwezinye izinhlobo zemidlalo kodwa kwezinye kusashoda.
Umbiko ubungagxile asekutheni kumele kwenzeke uguquko nasezikhundleni zokuphatha nakubaqeqeshi.
“Sinyuke ngo-60% isibalo sabamnyama kwikhilikithi sisuka ku-45%, i-hockey inyuke ngo-45% isuka ku-20%. Ibhola lombhoxo lisuke ku-34% laya ku-42%, i-netball yaba ngu-56% isuka ku-37%,” kusho uXasa.
Umbiko uveze ukuthi mkhulu umehluko osubonakele ebholeni lombhoxo, ikhilikithi ne-netball kodwa kusashayisa amakhala okwenzeka kwi-tennis, swimming, bowling, rowing nakuma-bowls okusagcwele abamhlophe. Umbiko uthe uma le mikhakha yemidlalo ingashintshi ingase ingakwazi ukuthola ukwesekwa okuphelele. “Akumele kube khona ukungabaza ukuthi ukhona umehluko obonakalayo ngokuthi abelungu kungabe kusaba yibona abaningi kwezemidlalo. Uma singakusukumeli lokhu sikushintshe kuzoholela ekutheni imidlalo eminingi igcine ingasenaso isizinda okungaholela ekutheni kungenziwa kahle kuyona,” kusho umbiko. Umbiko ubuncike ezibalweni zeStats SA eziveza ukuthi siyehla isibalo sabamhlophe abaneminyaka engaphansi kuka-18 ekubeni esabamnyama siyenyuka.
Kuthiwe eminyakeni engu-25 kuzobe sekunoguquko olukhulu okusho ukuthi izinhlangano zemidlalo kumele zihambisane nalolu guquko.
Kulindeleke ukuthi intsha emnyama engu-85% walezi zibalo isuke ku-17 million ifinyelele ku-21million. Abamhlophe abangu-1.4 million bazokwehla ngo31% baye ngaphansi kwesigidi.