Bakhathazekile ngokubanjwa inkunzi kwezimoto zemali
ISOUTH African Banking Risk Information Centre (Sabric) izwakalise ukukhathazeka kwayo ngokunyuka kwezigameko zokuqhunyiswa kwezimoto ezithwala imali.
Isikhulu esiphezulu seSabric, uNkk Kalyani Pillay, sithe bakhathazekile ngokuthi alisapheli isonto zingabanjwanga inkunzi izimoto ezithwala imali.
“Siyabonga ukuthi iPhalamende lihlangene nathi siyiSabric namaphoyisa nobuholi bezinkampani ezithwala imali ngeledlule ukudingida okufanele sikwenze ukuze zehle izigameko zokubanjwa kwezimoto ezithwala imali. Sikhathazekile ngoba zibanjwa njalo, alisapheli isonto singezwanga ukuthi kunemoto ebanjiwe. Kuzoba nomunye umhlangano ngoJuni 13,” kusho uNkk Pillay.
Uthe bamatasa nezinhlelo zokuthuthukisa ukuqashwa kwezimoto ezithwala imali, izinhlelo zokuqoqa ulwazi lwabantu abahlela ukuzibamba besebenzisana nezinhlaka zokuphepha.
“Kukhona esikwenzayo ukuvimba lezi zigameko kodwa kuningi okusadinga ukwenziwa ukuze izimoto ezithwala imali ziphephe. Sifuna amaphoyisa azithathele phezulu izigameko zokuhlaselwa kwezimoto ezithwala imali ukuze bashushiswe ngokushesha abenza lo mkhuba,” kusho uNkk Pillay. Uthe bayabonga ukuthi iPhalamende nongqongqoshe wamaphoyisa bazithathela phezulu lezi zigameko futhi bazoya emhlanganweni bathule izinhlelo zabo baqinisekise ukuthi balalela iziphakamiso zamalungu ePhalamende.
Ugqugquzele abantu ukuthi babikele amaphoyisa uma benolwazi ngabantu abahlasela izimoto ezithwala imali ngoba lo mkhuba mubi futhi abawenzayo kufanele bajeziswe.