Kusolwa isoka ngomfundi odutshuliwe
ABAPHUMELI obala ngokubulawa kwesitshudeni saseThekwini Tvet College, isidumbu saso esitholakale sinamaxeba okudutshulwa eMandeni ngeledlule.
Ukubulawa kukaNhlanzeko Gazu (20), obenza izifundo zeBusiness Management N6 kushiye imibuzo engaphenduleki. Kuthiwa umufi ongowakwaNongoma kodwa obehlala eSpringfield, eThekwini, wagcina ekolishi ngoLwesithathu. Isidumbu sakhe sitholakale sinamanxeba angaphezu kwalishumi okudutshulwa ngoLwesine. Isolezwe lithole ukuthi umufi obesonta kwaShembe, ubelotsholwa yisoka langakubo eliyilungu lebandla. Enkonzweni yokumkhumbula ebisekolishi eSpringfield Campus izolo, bekukhona amalungu omndeni athe udutshuliwe.
Uthishanhloko waseThekwini College uMnuz Nkosinathi Mchunu uthe ubikelwe ngoMsombuluko ngokushona kukaNhlanzeko. Uthe uzwe amahlebezi okuthi kusolwa isoka abenalo eThekwini ngokufa kwakhe. “Sekuyisikhathi sokuthi siluleke abafana ukugwema lezi zigameko. Kuningi okwenziwayo ukululeka nokukhulisa amantombazane kodwa abafana basale. Kumele nabafundi batshelwe ukuthi uma besuke emakhaya bezofunda, abagxile emfundweni,” kusho uMchunu. Unina kamufi elingatholakalanga igama lakhe, unqabile ukukhuluma nephephandaba. Eshayelwa ucingo ubuze ukuthi intatheli iyithathephi inombolo yakhe. Ebuzwa ngezinsolo zokuthi indodakazi ibulawe yisoka, utshele intatheli ukuthi mayimxolele ngemibuzo maqede wavala ucingo.
Izitshudeni bezithumela imiyalezo yenduzuzo ezinkundleni zokuxhumana. Omunye ongathandanga ukudalulwa uthe kusolwa isoka laseThekwini ngokufa kwakhe ngoba wagcina ukubonakala enalo. Umufi uzongcwatshwa ngeSonto kwaNongoma.
Amaphoyisa athe alikho icala elivuliwe. OnguNobhala wesigungu esimele izitshudeni u-Anele Songelwa uthe baphatheke kabi.
“Kubuhlungu ngoba ubelungiselela ukubhala futhi esezoqeda ukufunda. Sizama ukuthola ibhasi ukuze siye emngcwabeni,” kusho yena.
Kwenzeka lokhu nje kusakhulunywa ngokubulawa kukaZolile Khumalo obeyisitshudeni eMangosuthu University of Technology, okuboshwe obeyisoka ngokufa kwakhe. UZolile obesuka eShowe, wabulawa endaweni yokuhlala izitshudeni ePhoyinti. UMnuz Thabani Mzolo okuthiwa ubesemalile, ubhekene necala lokubulala.