Kudutshulwe usolwazi obebuyisa isithunzi senyuvesi
SISHAQISE abaningi isehlakalo sokudutshulwa kukaSolwazi waseNyuvesi yaseZululand, oNgoye obephethe umkhakha wezobuciko, obulawe engena kwakhe ngoLwesibili ngabo-5 ntambama.
USolwazi Gregory Kamwendo (53), ubesemotweni yakhe eMpangeni ngesikhathi edutshulwa amahlandla amaningi kwesingaphezulu ngabasolwa ababili, washona khona lapho.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele, uthe imbangela yokubulawa kukaKamwendo ayikaziwa, kuphenywa ngecala lokubulala, bekungakaboshwa muntu.
Okhulumela inyuvesi uNksz Gcina Nhleko uzwakalise amazwi endunduzo emndenini kaKamwendo. Uthe inyuvesi ilahlekelwe kakhulu ngokubulawa kwakhe.
UKamwendo, ongowokuzalwa eMalawi, ubengungoti weSociolinguistics nezemfundo enyuvesi njengoba afika kuyona ngo-2016. Uke wasebenza naseNyuvesi yaKwaZulu-Natal ephethe uphiko oluqeqesha othisha.
UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uNkk Naledi Pandor uthe ukushaqekile ngalezi zindaba.
Okhulumela uNkk Pandor, uMnuz Lunga Ngqengelele, uthe bathukile bezwa ngezindaba zokubulawa kukasolwazi. Uthe wahlangana naye ngesikhathi evakashele kule nyuvesi.
“Ungomunye wabantu ababehola ithimba elalikhuluma nongqonqoshe ngendaba yokubuyisa uzinzo nokwethenjwa kweziqu kule nyuvesi njengoba kuke kwaba khona imibuzo ngazo.
Akuyona inyuvesi kuphela elahlekelwe ngoba nezwe lonke lilahlekelwe ngokushona komuntu onamava kwezemfundo.”
USihlalo wekomiti lemfundo ephakeme ePhalamende, uNksz Connie September, uthe umkhakha wemfundo ephakeme ugqemeke udume lwengozi ngokubulawa kukaKamwendo.
Uthe: “Ngeke isafana inyuvesi ngoba ubekhaliphile, egqugquzela ukufundiswa kwengane emnyama.
Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini wakhe, enyuvesi kanjalo nakubangani bakhe,” kusho uNksz September.
Ne-ANC kuzwelonke igxeke ukwanda kwezehlakalo zokuhlaselwa kwabaholi esifundazweni.
Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, uthe bashaqekile ngalesi sehlakalo. Uthe kuyaqhubeka ukugobhoza kwegazi kulesi sifundazwe.
“Ukulwa nobugebengu yinto eseqhulwini kwi-ANC. Sinxusa ithimba longqongqoshe elibhekele ezokuphepha ukuthi lixazulule amacala athinta ukubulawa kwabaholi kulesi sifundazwe,” kusho uMabe.
Uthe bakhathazekile ngokuthi abantu bayabulawa bese kungaboshwa muntu.