UDlungwane ukhala ngabaduduliwe
UKHALA ngabafundi abadudulelwe kwamatric bengaphasanga uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane athi basadonsa kanzima.
UDlungwane uthe laba bafundi abenzi ngendlela abebeyilindele okusho ukuthi kudingeka ukuthi baqinise izinhlelo zokuthi babafundise.
“Kade sihlaziya imiphumela yekota yabafundi, uma siqhathanisa neminyaka edlule ngalesi sikhathi izinga lithe thuthu. Into esikhathazayo abafundi abadudulwa, abenzi ngendlela esiyilindele, yingakho kumele sengeze izinhlelo zokubasiza. Uhlelo lokuthuthukisa imiphumela lushintshile alusagxilile kubafundi abenza kabi, sigxile kwabenza kahle nalabo abangenzi kahle,” kusho uDlungwane.
Uthe lisekhona ithuba lokuthi kufakwe ezinye izinhlelo ekoteni yesibili neyesithathu wathi njengoba bekungamaholidi bezikhona izinhlelo zokusiza abafundi.
Usho lokhu nje ngo-2016 bangu12 938 abafundi ababedudulelwe kwa-matric kwaphasa abangu-4 495 kulaba.
Nyakenye kuzwelonke bangu107 430 abafundi abadudulelwa kwmaatric, abanye babo abazange bazibhale zonke izifundo babhala ezimbalwa, bazobhala ezinye kulo nyaka.
Ngokwezibalo ezakhishwa ngumnyango i-KZN ilele isine ngabafundi abadudulwa ngo-17% nyakenye, isifundazwe esaba nabafundi abaningi abadudulwa yiNorthern Cape ngo-23%, kulandele iNorth West ngo-20% bese kuba yiMpumalanga ngo-19%.
UDlungwane uthe kusazocaca ukuthi bangaki abadudulelwe kwamatric uma sekuhlanganiswe zonke izibalo.
Odabeni lokuthuthwa kwabafundi njengoba uhlelo lokuthutha abafundi selubuyele kulo mnyango lusuka emnyangweni wezokuthutha, uthe sebenqume ukwakha izindawo zokuhlala ukuze abafundi bangahambi amabanga amade uma beya ezikoleni.
“Sinqume ukuthi kwezinye izindawo kuzomele sakhe izindawo zokuhlala ngoba kuzosidla ephaketheni ukuthutha abafundi. Okwamanje sithutha abafundi abangu-55 000 ekubeni ngabe sithutha abangu-300 000. Sidinga ngaphezulu kukaR500 milion ukuthutha abafundi ngonyaka kodwa imali ayenele.”
Uthe ukwakha lezi zindawo kungadla imali encane kakhulu kunemali abayikhokhela izinto zokuthutha.
Uphethe ngokuthi eNquthu inkantolo yanquma ukuthi kumele bahlinzeke ngezinto zokuthutha abafundi wathi bakwenza lokho ngoba bayazilalela futhi bayazihlonipha izinkantolo.