Izonyuka eyokukhokhela izidingo
UMKHANDLU weTheku uthi ukuguquguquka kwesimo somnotho ngenye yezizathu ezenze ukuthi wenyuse imali ezokhokhelwa izidingo okubalwa kuzo ugesi namanzi okulindeleke ukuthi kwenzeke ngoJulayi nonyaka.
Umkhandlu usuphakamise ukuthi ugesi unyuswe ngo-6.8%, amanzi anyuswe ngo-15% kuthi ukuthuthwa kwendle nokuqoqa udoti kwenyuswe ngo-6.9%.
Izakhamizi zaseThekwini bezinomnqamulajuqu ophele ngoLwesibili ukuze zikwazi ukuphikisana nalezi ziphakamiso zokwenyuswa kwezidingo okulindeleke kuthathwe isinqumo ngazo emhlanganweni womkhandlu ozoba ngoMeyi 31.
Konke ukunyuka kwezidingo okungase kwenzeke kulindeleke ukuba kuqale ukusebenza ngoJulayi 1, okuyisikhathi okuqala ngaso unyaka omusha wezimali womkhandlu.
Yize lezi ziphakamiso zigxekiwe izakhamuzi kodwa umkhandlu umile ekutheni ubheke zonke izinto ngaphambi kokuthi wenze lezi ziphakamiso.
“Njengoba senza lezi ziphakamiso, sizenze ngokubuka iziphakamiso zokwenyusa intengo eyenziwe iNational Energy Regulator of SA (Nersa) noMgeni Water.
“UNersa uhlela ukwenyusa ugesi ngo-7.32%, kuthi uMgeni wona uhlela ukwenyusa amanzi ngo-13.7%,” kusho isitatimende somkhandlu.
Usomnotho ozinze eThekwini, uSolwazi Bonke Dumisa, uthe uma lezi ziphakamiso ezenziwa umkhandlu zizophasizwa zizoba yijoka elinzima kwizakhamuzi ezivele zidonsa kanzima.
UDumisa uthe noma ikuphi ukunyusa imali ngaphezu kuka 1%, akuwakhi umqondo.
“Umkhandlu kumanje udonsa kanzima awukwazi ukuqoqa imali kwizakhamizi, yize sazi ukuthi abantu abakuthandi ukukhokha kodwa bakhona nabantu abangenayo ngisho imali yokukhokha, ukunyusa imali kuzosho ukuthi sizokwanda isibalo sabantu abangezokhokha,” kusho uDumisa.
Ngempelasonto kusabalele umyalezo kuWhatsApp obunxusa izakhamizi ukuba ziphikisane nokwenyuswa kwezidingo.
“Akumele sikhalaze kodwa kumele senze umnyakazo.
“Siyanicela niphikisane nalento, noma sizophila ezweni eNingizimu Afrika lapho kungabantu abadla izambane likapondo kuphela abakwazi ukuphila,” kusho umyalezo.
UDumisa uthe izwe alibhekene kuphela nokuntuleka kwamathuba emisebenzi kodwa linenkinga yokwehla kwesibalo sabantu abanemali.
Uthe uyayiqonda ingcindezi uhulumeni abhekene nayo.
“Kodwa uma amakhansela esevotela ukuthi kube nemali afakelwa yona uma enza umsebenzi womkhandlu noma efuna abaqaphi, umphakathi uzocabanga ukuthi imali ikhona ekubeni ingekho,” kusho uDumisa.