Kuvalwa izinkampani ‘ezikhohlakele’
sisho ukuthi abaqondisi balezi zinkampani ngeke besakwazi ukwenza umsebenzi nomkhandlu.
Okunye umkhandlu uzophinde ucubungule izinkontileka lezi zinkampani ezinazo nomkhandlu.
UNtsele uthe uma uhlelo seluphothuliwe umkhandlu uzobe usuhambisa uhlu lwamagama alezi zinkampani ehhovisi likaMgcinimafa ukuze zikhishwe kumqulu wezinkampani ezisebenza kuleli.
Uthe ngoLwesibili zingu-10 izinkampani ebesezifake izikhalo, wengeza ngokuthi izinkampani ezinhlanu ezithinteka enkohlakalweni yezigidi nazo zikhona ohlwini lwezinkampani ezivaliwe.
Uthe kukhona nelinye icala eliphenywa ngoKlebe ngemuva kokuthi uMnuz Narendh Ganesh ohola iqembu lezombusazwe iMinorities of South Africa emangele emaphoyiseni.
UGanesh iqembu lakhe elinesihlalo esisodwa emkhandlwini weTheku, uthe uthathe isinqumo sokuthi avule icala ngoba efuna izinkampani ezithintekayo zijeziswe.
Umholi wekhokhasi yeDA eThekwini, uNksz Nicole Graham uthe yize isinyathelo sokufakwa kwamagama alezi zinkampani sibajabulisa kodwa kuningi okusamele kwenziwe.
“Akusizi ngalutho ukungcolisa amagama ezinkampani kodwa izikhulu ezikhipha amathenda ngendlela engalungile zona zibe zisemsebenzini,” kusho uNksz Graham.
Uthe uphiko oluphenya ngenkohlakalo emkhandlwini lwaphakamisa ukuthi ezinye izinkampani zithathelwe izinyathelo zomthetho kodwa abazi ukuthi kwenzakalani.
Umholi weKhokhasi ye-IFP emkhandlwini, uMnuz Mdu Nkosi usishayele ihlombe lesi sinyathelo wathi kumele kwenziwe uma kunophenyo olwenziwe.
“Inkinga esinayo ukuthi sinezikhulu zomkhandlu ezihlukene ngezinhlangothi, olunye uphenyo olwenziwayo lubonakala lubhekiswe ezinkampanini zabantu abahambisana nohlangothi oluthile,” kusho uNkosi.