Imikhankaso yabesimame yembule ithalente ebelicashile
UKUZIHLANGANISA nemikhankaso yokunqanda ukuhlukunyezwa kwabesifazane kwembule ithalente lokudweba eselimenze waziwa emazweni amaningi owesifazane ogxile ezithombeni zasodongeni.
UNksz Xolile Ndlovu waKwaMashu (37) weXolile Embroideries usezakhele igama emazweni amaningi ngezithombe ezilengiswa odongeni ezixoxa indaba ngabantu base-Afrika.
UNksz Ndlovu uqale ukudweba imidwebo echaza ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngo-1995. Wayesengumfundi eMzuvele High, KwaMashu. Ngalowo nyaka waqokwa yisikole sakhe ukuyosimela emkhankasweni okwakuqondwe ukugqugquzela abesifazane ukuthi bakhulume uma behlukunyezwa.
Lo mkhankaso uthe wawubizwa ngokuthi, ‘Amazwi abesifazane’, uhlelwe yinhlangano engenzi nzuzo, iCreate Africa Town.
“Sasidweba izinto esicabanga ukuthi zishiwo ngabesifazane abahlukunyeziwe. Sasisebenzisa upende, sidwebe endwangwini eyaziwa nge-quilt. Ngesikhathi senza lokhu abagqugquzeli balo mkhankaso babesifundisa obunye ubuciko bokubhala endwangwini. Sekuzophela umkhankaso kwakhethwa okwakubonakala ukuthi banobuciko bokudweba. Ngaba ngomunye walawo maciko akhethwa ukuze aqhubeke nokudweba izithombe ezazidayiswa eDurban African Art Centre,” kusho yena.
Ngenxa yekhono lakhe lokudweba izithombe neminye imihlobiso ngo-2010, 2012, 2014 no-2015 uhambele umbukiso, i-International Folk Art Market, eba seNew Mexico, e-USA. Ngo-2015 ubuye waya komunye umbukiso owaziwa ngeNew York Now oba seNew York. Kule mibukiso uthi usuke edayisa izithombe ezichaza ngempilo yomuntu omnyama waseAfrika.
“Abantu basemazweni aphesheya bayamthanda umuntu owazi umlando wakhe. Ngesinye isikhathi ngidweba izithombe, ngihlobise ama-cushion, ngenze ama-placemats akhombisa impilo yasemakhaya,” kusho yena.
Ngo-2016 ube yingxenye yabebekhangisa embukisweni, iChina Gaungdong 21st Century, Maritime Silk Road International Expo ongomkhulu kakhulu emhlabeni. Usizwe uMnyango wezokuHweba neziMboni ukuze afinyelele kuwo. Kweminye uthi uxhaswa uMasipala weTheku.
Uma engekho emibukisweni yokukhangisa ngomsebenzi wakhe uthe uba nezinhlelo eziningi zokufundisa abanye abantu ukudweba kusetshenziswa indwangu. Ubuye aqashwe uMasipala weTheku ukufundisa ngaleli khono elibonakala linethuba lokungenisa imali. Uke wafundisa e-Ink Creative Centre, eseLindelani.
“Ngike ngaqeqesha asebethathe umhlalaphansi ukuze bakwazi ukuziphilisa ngezandla. Iningi labo selizivulele izikhungo zalo,” kusho yena.
Ngo-2012 uklonyeliswe yiDurban African Art Centre, waba yiCrafter of the Year. Kulo mncintiswano uthe ubengenele ngezithombe nemidwebo ekhombisa udlame lwezepolitiki KwaMashu.