Uzofundisa abesimame ngokupheka
UZOFUNDISA abesifazane izindlela ezahlukene zokupheka i-rice umpheki osebenza kwaSpekko, ozobe eyingxenye yomcimbi weSolezwe obizwa ngeNtandokazi.
UNksz Siwe Hlophe ongungoti kwezokupheka, uzohlomisa abesifazane kulo mcimbi ozoba ngoJuni 23 e-Olive Convention Centre eThekwini. Yize sebebaningi abafundisa ukupheka nasezinkundleni zokuxhumana, uNksz Hlophe uthembisa okusha kwabesifazane abazothamela lo mcimbi. Utshele iphephandaba ukuthi njengoba esebenzela inkampani eyaziwa ngomkhiqizo we-rice, uzogxila ekufundiseni ukulipheka.
“Isikhathi esiningi abantu bapheka i-rice ngendlela eyodwa enesitashi kanti zikhona nezinye izindlela. Lokhu kwenza ukuthi abantu bagcine bengasalithandi ngoba liphekwa ngendlela eyodwa.”
Ngaphandle kokufundisa ukupheka i-rice, uNksz Hlophe uthe uzofundisa abesifazane izithako zokupheka ukuthi zihambisana nokudla okunjani. Uzofundisa nokuthi yimaphi ama-spice nama-herb ahambisana nenyama noma izidlo ezithize. Uthe uyazi ukuthi abanye abathandi ukupheka izidlo ezithatha isikhathi eside, yingakho ezoba nezidlo ezisheshayo azofundisa ngazo.
UNksz Hlophe usengomunye wabapheki abahlonishwayo kuleli kanti useke waba nohlelo lokupheka obelubizwa ngeKasi Kitchen kwiSoweto TV. Wajoyina abakwaSpekko ngo2014, efundisa ukupheka emicimbini abayixhasile. Ukhulele eMgungundlovu wafundela ukupheka eMartins Food and Wine eThekwini. Kumanje usenendawo yokudla egxile kuShisanyama.
Kulindeleke libe likhulu isasasa emcimbini weNtandokazi kulo nyaka ngoba kuningi okwengeziwe. UNksz Zama Majola osemnyangweni wezokukhangisa kwiSolezwe, uthe kunombukiso wamabhizinisi ahlukene ukuze abesifazane bakwazi ukuziveza. Abafuna ukukhangisa ngamabhizinisi kumele bakhokhe uR1 500 wetafula lokukhangisa. Umnikazi webhizinisi uzothola nethuba lokukhuluma ngalo kulo mcimbi. Abantu bayanxuswa ukuthi basheshe babekise uma bezokhangisa ngamabhizinisi ngoba isikhala sincane.
Kulo mcimbi kuzokhuluma usomabhizinisi nombhali wezincwadi uDkt Judy Dlamini. Kuzonandisa uHlengiwe Mhlaba, uDudu Khoza ongumsakazi woKhozi FM uzophatha uhlelo. Umcimbi uzohambisana nomkhankaso wokulwa nokubulawa kwabesifazane oqalwe yiSolezwe, othi #sekwanele okucelwa ukuthi abazoba yingxenye yeNtandokazi bagqoke izingubo ezimnyama namaduku. Amathikithi okungena emcimbini abiza uR400 kumaComputicket, ahambisana nendathane yezipho nemiklomelo ezowinwa. Ngeminye iminingwane kungashayelwa ku-031 308 2663.