Ubongiwe ngokwenza umuzi wakhe isonto
UGQUGQUZELE abesifazane ukuthi banikele ngezidingo ezehlukene emphakathini yabo, uNkk Nomzi Dumisa (64) osekuphele iminyaka ewu-32 amakholwa aseSheshi kwa-AA nakwa-BB eMlaza, ekhonzela emzini wakhe.
UNkk Dumisa unikezwe isitifiketi sokumbonga ngomsebenzi wakhe awenzele abantu bakwa-AA nakwaBB ngeledlule ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isonto elisha laseSheshi eliqanjwe ngomyeni wakhe uMnuz Thamsanqa Emmanuel Dumisa.
Isonto elisha lamaSheshi elikwa-AA eMlaza libizwa nge-Emmanuel Church.
Isonto livulwe ngu-Archbishop Thabo Makgoba ophethe ibandla laseSheshi e-Afrika eseNingizimu noMbhishobhi wamaSheshi KwaZulu-Natal, uDino Gabriel.
UNkk Dumisa uthe amakholwa aqala ukusonta kwakhe ngo-1986. “Saqala ubaba esaphila ukuthi kusontelwe ekhaya, sasigudluza ifenisha njalo ngeSonto. Bekuyimpilo yethu lena kwaze kwashona umyeni wami ngo-1994 owadutshulwa. Ngiqhubekile nezinhlelo zethu ngoba bekuyindlela yami yokusiza umphakathi nokusebenzela uNkulunkulu.”
Uthe ngo-1998 washonelwa yindodakazi yakhe uNkk Ntokozo Beja omshiye nomzukulu oneminyaka eyisishiyagalombili manje. “Ngiyazi baningi abesifazane abashonelwa abayeni nezingane zabo bese bephelelwa amandla kodwa kufanele bazi ukuthi kusuke kuwusathane owenza izinto ezimbi. Kufanele bakhuleke baqhubeke nokwenza okuhle bavule imizi yabo basize umphakathi ngezinto ezehlukene ozidingayo.”
Uthe bekuba khona isikhathi lapho izingane bezikhononda ngokuthi avule umuzi wakhe ukuba kusontelwe kuwo ngenxa yokuthi bekufanele zivuke ekuseni zigudluze ifenisha.
Umfowabo kaDumisa, uSolwazi Bonke Dumisa, uchaze umfowabo njengomuntu owayewukhonzile umphakathi