Ukushoda konjiniyela kuphazamisa amathuba omsebenzi
UKUSHODA konjiniyela nongoti emkhakheni wezobuchwepheshe kuphazamisa ukwanda kwamathuba omsebenzi nokukhula komnotho eNingizimu Afrika.
Umqondisi wenkampani ebhekene nokuxazulula izinkinga zezomnotho, uMnuz Pierre le Roux, weMoyo Business Advisory (MBA), uthe enye inkinga yadalwa ngabantu abanamava kwezobuchwepheshe abafulathela izwe ngenxa yokuthungatha amadlelo aluhlaza kwamanye amazwe.
“Ngenxa yokuthi sibhekana nsukuzonke nabasebenzi, yikho okwenze inkampani yethu yafinyelela ezingeni esikulo. Siyabonga ngokufukula ulwazi lwabo, siyawazi umthelela wokukhathala engqondweni kubasebenzi baseNingizimu Afrika,” kusho uLe Roux.
Uthe yize bengenazo izibalo eziqondile kodwa kunobufakazi bokuthi izinkampani zilahlekelwa ngabasebenzi.
Obunye ubufakazi butholakale ngokuxoxa nabasebenzi abasembonini yezobuchwepheshe abathi bancamela i-Australia, UK ne-USA.
“Okunye okuhehe abasebenzi emazweni angaphandle yiziqu zemfundo ephakeme abanazo ezihlonishwa ezingeni lomhlaba. Esikhathini esiningi bawungulwa nayimiholo ephindwa kabili noma kathathu uma uyiqhathanisa nabayithola ezweni labo.”
Eqhuba uthe okunye okuyingqinamba wukuthi abasebenzi bangaphandle abakwazi ukungena ngapha bazosebenza bese kuthi labo bangaphandle kodwa abaqeqeshwe ngapha bangayitholi imvume yokusebenza ngapha.
Yingakho iMBA isungule uphiko olubizwa ngeMoyo Talent Solutions (MTS) ukuzama ukukhuthaza abasebenzi bangapha abanamava kwezokuxhumana ukuba bangafudukeli kwamanye amazwe.
“Yize inkampani yethu isiqalile ukusebenza kodwa i-website yayo izosebenza kahle ngaboJulayi.”
Uthe uyakholelwa wukuthi kumqoka ukuthi izwe ligcinwe onjiniyela nabafunde bagogoda baba namava kwezobuchwepheshe abasebasha.
“Kuyiqiniso ukuthi kufanele amadoda nabesifazane baseNingizimu Afrika sibakhokhele imiholo nemihlomulo efanayo naleyo abebezoyithola ukube bebesebenza ngaphandle. Lokhu kuhle kulabo abafundile kodwa kucindeza izinkampani zezobuchwepheshe ezithembele kuzo lezi zisebenzi ukubamba nokusimasisa izinkampani zazo.”
- Network