UPitso unkemise iningi evuna uBangaly
ISHIYE abaningi benkemile inkulumo kaPitso “Jingles” Mosimane, opheka iMamelodi Sundowns, lapho evikele khona isitobha sakhe sase-Ivory Coast, uSoumahoro Bangaly ogxekwe kakhulu leli qembu lishaywa yiFC Barcelona kwaphinde kwaba yinto efanayo libambana neHoroya FC kwiCAF Champions League.
Kusukela lesi sitobha sifikile ngemuva kokuhamba kuka-Alje Schut kumasizini ambalwa edlule, ungabazane ngaso alukaze luqhele kusona. Kula masizini uSoumahoro asewadlalile kuba ngcono uma esesiswini ngoba uma efakwe emuva amagoli adla iSundowns avamise ukungena ngaye.
Amabili okuqala ashaywe ngu-Ousumane Dembele noLuis Suarez iBarcelona inqoba ngo 3-1 kowokubungaza ukuqeda iminyaka eyikhulu kwazalwa uNelson Mandela yize, angene ngamaphutha akhe lo mdlali osekuthiwa usezimisele ukudlalela iGuinea.
Emdlalweni weSundowns neHoroya, obuhlehle ngenxa yalo oweBarcelona, yena futhi uSoumahoro ube nesandla ekubuyeni kweqembu lasekhaya kwazise iSundowns ibisihamba phambili. KoweBarcelona uphasele isitha umdlalo unemizuzu emibili uqalile lakhala enethini. KwelikaSuarez lo mdlali uqome ukulala phansi engabe ulandela ibhola lagcina lingene enethini.
NakoweHoroya, kuthe iSundowns isibambelele kwazise bese beyibuyisile oKhama Billiat noGaston Sirinio, uSoumahoro waqoma ukuma ambuke esikhundleni sokumaka umdlali weqembu lasekhaya oshaye elokulinganisa ngekhanda.
Kumangazile nokho ukuthi uMosimane amvikele lo mdlali kwazise akafihli uma kukhona angakuthandi akubonayo. Nangesizini edlule uSoumahoro ebulala iSundowns ibhekene nePolokwane City neKaizer Chiefs, uMosimane umvikelile wambiza ngelinye lamasosha akhe.
Ubaba kaSoumahoro ngowaseIvory Coast kodwa umama wakhe owaseGuinea. Ngaphambi komdlalo uSoumahoro ucelwe ukuba athathe isinqumo ngoba bafisa adlalele izwe likamama wakhe kwazise kuze kube yimanje uyazitshwa kwelikayise.
“Inkinga ibe sekutheni utshelwe ngaphambi komdlalo ukuthi bafisa adlalele iGuinea. Ukudlala usuwazi ukuthi kukhona abazobuka wena kuphela kubanga amatata ngisho ngabe unesipiliyoni esingakanani. Ngicabangile ukuthi kungamphazamisa lokhu nangempela kwenzeka. Ungcono kakhulu kunendlela adlale ngayo uSoumahoro. Ngokwami ungomunye wabaphambili eqenjini lami,” kusho uMosimane.
Ukubanjwa kweSundowns kwenza isalele emuva ngamaphuzu amabili kwiWydad Casablanca kodwa inethuba lokuvala leli gebe ngoba imidlalo yayo emibili elandelayo izoyigijima ne-AS Togo-Port engakaze iwine kuleli qoqo.