Obegaqelwe yiqembu laphesheya uyazinza kwiMamelody Sundowns
SIYAHLALA kwiMamelodi Sundowns isitobha, u-Anele Ngcongca, ebesifunwa yiqembu laphesheya kwezilwandle ngaphambi kokuthi kuphele isizini.
UNgcongca ubegaqelwe yiqembu laseBelgium, iCercle Brugge. Leli qembu belicijwa nguFrank Vercauteren oke wasebenza noNgcongca kwiGenk yaseBelgium.
Nokho imenenja yalo mdlali, uMike Makaab weProSport International, itshele Isolezwe ukuthi uNgcongca uyahlala kwiSundowns. “Umqeqeshi ebesikhuluma naye kwiGenk ngodaba luka-Anele akasekho, ngakho ngeke esaya kodlala kwiGenk. Uyahlala kwiSundowns. Vele usahlalelwe ngumsebenzi wokuziveza. Kule sizini esanda kusongwa ukhinyabezwe kakhulu wukulimala okuholele ekutheni aphuthwe yimidlalo eminingi.”
UNgcongca udlale isikhathi eside phesheya kwezilwandle ngaphambi kokuthi akhuze ibuya ekuqaleni kwesizini.
Lo mdlali, obeyinsika yeBafana Bafana, uyibambe eBelgium naseFrance ngaphambi kokuthi abuyele kwi-Absa Premiersip. Kwelesizwe, uNgcongca usedlale imidlalo engu-44. Ubekhona ngesikhathi elakuleli lidlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010 kuleli. Uphinde wayibamba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2013 eMzansi. Akazange asale gaphandle kwi-Afcon ebiseEquatorial Guinea ngo-2015.
Phesheya kwezilwandle udlale iminyaka eyisishiyagalolunye. Lezi kuzoba yizindaba ezinhle kumqeqeshi weSundowns uPitso “Jingles” Mosimane ozohlukana noKhama Billiat oseyoyibamba phesheya kwezilwandle. Inkontileka kaBilliat neSundowns iyaphela ekupheleni kukaJuni. Imenenja yakhe uMike Ngobeni ivele isiphumele obala ngokuthi ngesizini ezayo uyogijima phesheya kwezilwandle.
NgoLwesibili uBilliat ushayele iSundowns igoli elimqoka idlala ngokulingana ngo 2-2 neHoroya kwiCaf Champions League, eGuinea.
Lona bekungumdlalo wakhe wokugcina kumaBrazillians.