I-Natu yenqaba isiphakamiso ngamaholo
INYUNYANA yothisha, iNatu, ishaye phansi ngonyawo ngokusayina isivumelwano samaholo abasebenzi bakahulumeni.
I-Natu nezinye izinyunyana zichithe isiphakamiso sokunyusa amaholo ngeConsumer Price Index (CPI) esiyiminyaka emithathu.
I-PSA enye yezinyunyana ezingakasisayini isivumelwano.
IPhini likaMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, lithe abahambisani nokusayinwa kwalesi sivumelwano.
Uthe ngeke bathathe into ezokhubaza kakhulu abasebenzi kunokuthi yenze impilo yabo ibe ngcono.
“Ngeke sisayine into engekho, kunyuke yonke into manje. Kusanda kunyuka iVAT kodwa incane kakhulu imali abafuna ukunyusa ngayo umholo. Kothisha abafikayo bazokhushulelwa ngo-7% ngonyaka wokuqala, ngowesibili yehle kanjalo nangowesithathu. Asikwazi-ke ukwamukela into enjalo.”
Ukusho lokhu ekhuluma namalungu eNatu emkhulekweni obuseMpangeni izolo.
UThompson uthe umkhankaso owaqalwa yile nyunyana wokuthi abasebenzi bahulumeni banikwe ingxenye yemali yempesheni ukuze bakhokhele izikweletu, usungenwe nangezinye izinyunyana.
Uthe bebehlangene nomnyango woMgcinimafa ngalolu daba wathi bazwile ukuthi nezinye izinyunyana sezifuna ukunikwa le mali.
“Sisamile ekutheni sifuna ukunikwa ingxenye yempesheni ukuze sikwazi ukukhokhela izikweletu. Yinto esifunwa nangabanye ekubeni phambilini babeyichitha,” kusho uThompson.
Uthe nendaba kaGrade R bazoqhubeka bayilwe ngoba labo thisha abazange bawuthole uchatha.
“Labo thisha kumanje abazange banyuselwe umholo kusuka ngo-2016. Sifuna bakhokhelwe kusuka ngo-2016 futhi sizoqhubeka silwe,” kusho uThompson.
Uthe umnyango uthembise ukuthi uzonyusa imali yothisha bakwaGrade R ngoR750 kulabo abangenazo iziqu, kwabaneziqu banyuselwe ngoR1250.