Intsha ikhuthazwe ngamakhono
IKHUTHAZWE ukuthi izicije ngayo yonke inhlobo yamakhono intsha ebithamele ingqungquthela yokukhangisa ngamakhono iYouth Employability Indaba and KZN Career Expo, eqale izolo e-Exhibition Centre eThekwini.
Ingqungquthela, ezophothulwa ngoMgqibelo, ihlelwe nguMasipala weTheku, Inkosi Albert Luthuli ICC, Independent Media neThekwini Maritime Cluster. Ihlose ukukhombisa imikhakha engalandelwa yintsha uma ifuna umsebenzi.
Intsha nabafundi bezikole ezehlukene ibiphume ngobuningi, izoncela ulwazi ngemikhakha ehlukene. UNksz Lindiwe Rakharebe, oyisikhulu esiphezulu e-ICC, uthe intsha kumele ibe seqhulwini ekukhuliseni umnotho nokwakha amathuba omsebenzi. Uthe bayakujabulela ukuhlanganyela kwingqungquthela ngoba banezinhlelo zokuvulela intsha amathuba omsebenzi.
“Izosiza kakhulu le ngqungquthela ngoba abanye balandela imikhakha ethize ngoba bengazi ukuthi bazokwenzani. Abanye noma sebefundile abawatholi amathuba okuqeqeshwa ngenxa yokungabi nawo amakhono adingekayo. Ingqungquthela yenzelwe intsha ukuze ibambe wonke amathuba avelayo,” kusho yena.
UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe intsha kumele ibumbe izwe nomnotho walo.
“Sisenenkinga yokuthi kusekhona ukungalingani emikhakheni eminingi, kushoda amathuba omsebenzi namakhono. Kunentsha eningi ehleli emakhaya neziqu ngenxa yokuthi ayinawo kahle amakhono adingekayo. Kunemikhakha yemfundo ebesingayazi, esesifuna ukugxila kuyona ukuze intsha ingaqedi ukufunda ihlale emakhaya,” kusho ungqongqoshe.
Unxuse intsha ukuthi inganqeni ukungena emikhakheni engajwayelekile, wayikhuthaza nokuthi ingasabi ukuziqalela amabhizinisi. Ugcizelele ukuthi njengoba sekusebenza kakhulu ezobuchwepheshe, intsha kumele ibheke kuleyo mikhakha ifunde nokwenzeka kwamanye amazwe. Ungqongqoshe ubehamba nabafundi bamantombazane abayishumi baseNqabakazulu High naseNew River Combined, athe ubakhombisa indlela asebenza ngayo. Uthe lokhu kusewukuquba umkhankaso weTake Girl Child to Work ukuze izingane zibone ukuthi ongqongqoshe basebenza kanjani.
Kwingqungquthela intsha izokwazi ukuzibuzela kwabayizimenywa emikhakheni ehlukene ngamathuba omsebenzi nokudingeka emikhakheni abakuyo. Izolo bekukhona nabadlali bamaSharks nabeDolphins Cricket ukucobelela intsha ngezemidlalo. Namuhla kulindeleke abadlali beqembu lamaZulu FC.