Sebedelile ngokuthi uDelille udida iDA idunyelwe
NALABO abakade bengakadeli ngikholwa wukuthi sebedelile manje ukuthi uDelille lona udida iDA idunyelwe amakhanda ingazi ukuthi izomdudula imphonse kumuphi umgodi. Ngisho kungathiwa awusiyena umuntu olandela ipolitiki kodwa ungakwazi ukubona ukuthi uDelille usephenduke iqaqa elingumabonabulawe kwiDA. OkaVolos uthe akaxoxe naye uDelille njengoba esephenduke iMeya ebusa ngomusa wezinkantolo njengoba esephendukelwe yiqembu lakhe.
Volos: Ngabe ngenza iphutha yini uma ngithi unguDelille odelise iDA?
Delille: Uyazi mina Volos ngibona sengathi iDA ayikadeli yimina, ngifuna ukuyibamba ngomthetho ize iguqe ngamadolo ivume ukuthi angiyena umafikizolo kwezepolitiki.
Volos: Kusobala okwezinqe zeselesele ukuthi ikhokhasi yeDA ayisakufuni nalapho uhambe khona, ngabe sikhona isizathu osaziyo esiyimbangela yokuthi uphenduke umzondo kwabakwenu?
Delille: Le ndaba yokuthi ikhokhasi yeDA ayingifuni ingumbhedo ngoba ifunzwa ngabantu abathile abathi ayikhokhase ngendlela ethile ezophikisana nami.
Volos: Ungaphawula uthini ngezinsolo ezenziwe ngamalungu eDA athi ufana noZuma ngoba wenza sengathi ulwa nenkohlakalo kodwa ube uyiqhubezela phambili ngasese?
Delille: Mina kuthiwa ngifana noZuma?
Volos: Yebo bashonjalo impela bathi uZuma wasebenzisa imali yomphakathi wakha umuzi eNkandla, nawe bathi usebenzise imali yomphakathi olungise ngazo umuzi wakho oseCape Town.
Delille: Ngamanga aluhlaza lawo abawashoyo ngoba mina nginobufakazi bokuthi umuzi wami ngawulungisa ngemali yami. Yonke le nto iyangicasula ngoba kusho ukuthi njengoba ngiphika ngithi angidlangamali kuzothiwa ngiphika njengoZuma.
Volos: Kungabe kuyiqiniso ukuthi nakwiDA kwehlukwene phakathi kunezinkambi ezisekela abaholi abehlukene njengakwi-ANC? Delille: Hhawu Volos uyibuza kanjani ibhasi ibhaliwe ngoba nakwiDA kugcwele amashayasiphundu afuna kuhlezi kulalelwa wona kuphela. Volos: Kuyoyonke le mfishimfishi kungani umholi weDA uMaimane engaphumeli obala akhuze lolu qhekeko olubukeka luzocekela phansi ikusasa leqembu.
Delille: Mhlawumbe kungakuhle nibuze yena ngoba mina kuzothiwa ngiyamnuka ngithi ungomunye wababhebhezeli abafuna ngixoshwe.
Volos: Yena uHelen Zille uthule uthini uma izinto zimapeketwane kanje?
Delille: Ukuthula komuntu kukabili, kungenzeka ukuthi uthule ngoba engathandi ukukhuluma noma uthule ngoba ejabule ebona ukuthi ngibanjwe ngobhongwana.
Volos: Kunezinsolo zokuthi uzibiza ngelungu leDA kodwa ushendeza ne-EFF nosezinhlelweni zokuthi uyijoyine uma ugcina uxoshiwe kwiDA.
Delille: Lawo ngamanga aluhlaza okuhloswe ngawo ukuthi ngibukwe njengomuntu ongathembekile, uma ekhona umuntu onobufakazi bokuthi ngiyilungu le-EFF ngicele abunekele izwe lonke.
Volos: Uma kuvela ithuba kusengenzeka yini ukuthi sikubone ubuyela kwiPAC okanye uphinde uvuselele kabusha iqembu lakho i-ID?
Delille: Kangifuni ukuqamba amanga ngithi sengike ngayicabanga into enjalo kodwa kwipolitiki akufanele uthi kunento engasoze yenzeka.
Volos: Sekungumlando ukuthi iDA usuyibhuquzise kaningi ezinkantolo uyiphoqa ukuthi ikubuyisele esikhundleni ithi isikuxoshile. Kungabe ukhona yini umuthi wecala onzima owusebenzisayo owenza uwine la macala?
Delille: Mina angikholelwa emithini, into engimi ngayo umthetho uma umuntu engisukela ngivele ngimklinye ngomthetho aze akhale athi tshiyo tshiyo sengivuthiwe.