Kusize amaphoyisa umfundi kaGrade 5 evimbezele uthisha
KULAMULE amaphoyisa umfundi owenza uGrade 5 evuka umbhejazane elwa nothisha omfundisayo emsola ngokumhlukumeza. Lesi sigameko senzeke esikoleni iSheshane Primary eNquthu ngoLwesihlanu emini.
Umfundi oneminyaka ebalelwa kwengu-10 kuthiwa umangaze ngisho omama abaphekayo ngesikhathi exabana noNkk Vumile Manqele Ntombela omfundisayo.
“Umfana ushaywe ngumemu Ntombela ngemuva kokuhlupha ehlukumeza abafundi bamantombazane afunda nabo. Uvele wama emnyango wahlokoloza umemu wathi usekhathele ukuthi njalo uma ezivikela ezinganeni ezimdelelayo angalalelwa kodwa ahlukunyezwe. Kuthe kusenjalo lo mfana esevimbe emnyango elwa nomemu, kwaphuma ingane yakubo yagijima yaya kubo. Ibuye isihamba nodadewabo obephethe induku bezoshaya umemu Ntombela. Kuphazamiseke ukufunda kwafika nonina womfana ethi yena akabhedelwa futhi ingane yakhe kumele othisha bazi ukuthi izalwa nezinsizwa. Kuze kwabizwa amaphoyisa aseMangeni ngoba bese kuvalwe isango elikhulu lesikole ngenxa yokuthi abazali bomfana bebethi akekho uthisha ozophuma,” kusho omunye wabasebenzi ocele ukungadalulwa ngenxa yokwesaba.
Unogada wesikole uMnuz Ntweza Dlamini uthe isimo sishube kakhulu ngoba kuyekwe ukufunda naye wazithola esebhekene nobunzima ngoba abazali bomfana bebecasuke kakhulu.
“Kusize ukuba sibize amaphoyisa aseMangeni ngoba kuze kwashaya isikhathi sokuphuma kwesikole othisha bevalelekile. Nami ngizamile ukuvimba abazali balo mfana ukuba bangangeni ngoba bebefuna ukuzoshaya uthisha. Amaphoyisa afikile adambisa isimo kwaxoxwa kwabe sekudedelwa othisha nezinye izingane kwagodukwa. Namanje mina angiyazi le nto engiyibonile ngoba phela ingane encane kabi le,” kusho uDlamini.
Lesi sikole sisendaweni ebikhungethwe yizimpi zemibango ezadlula nenqwaba yemiphefumulo.
Nakuba kunjalo kodwa kuthiwa izigameko zokulwa nothisha esikoleni azivamisile.
Lesi sigameko senzeka nje, izinyunyana zothisha sezike zakhala kakhulu ngokuhlukunyezwa kothisha beshawa abafundi.
Zikhala nangokuthi uma kuhlukunyezwa othisha kuyathuleka kodwa uma kungabafundi kunyakaza umphakathi baze bamiswe emsebenzini.
Amaphoyisa athunyelelwe imibuzo ehhovisini lawo lezokuxhumana KwaZulu-Natal ukuze aqinisekise lesi sigameko kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli. Imizamo yokuthola isigungu esilawula isikole ayiphumelelanga. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa uthe bese beluzwile udaba, wathi udlame esikoleni bayalugxeka kakhulu.
“Isikole yindawo yokufunda nokufundisa, sizobheka njengomnyango ukuthi yini imbangela yokuziphatha kwalo mfundi nokuthi angasizwa kanjani. Sizophinde sixoxisane nothishomkhulu, umhloli, isigungu sabazali nabazali bomntwana,” kuchaza uMnuz uMthethwa.
Uphethe ngokuthi lesi yisikhathi esinzima sonyaka njengoba sokuzolungiselelwa ukuhlolwa.