‘Bekunzima ukudlala neMaritzburg United’
INJINI yeCape Town City, uTeko “The General” Modise, ikhala ngobunzima bokubhekana neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium ngesizini esanda kusongwa.
UModise uyisethenjwa somqeqeshi weThe Citizens, uBenni McCarthy, ofake leli qembu kwiMTN8 ngesizini yokuqala engumqeqeshi. ICity imise kabi amaqembu amaningi kwi-Absa Premiership okukhona kuwona ne-Orlando Pirates eyikhiphe kwiNedbank Cup. I-The Citizens iqede endaweni yesihlanu kwi-log yePremiership nokuyiqhatha neTeam of Choice, esonge isendaweni yesine, kwiMTN8 okuzovulwa ngayo isizini ka-2018/2019. Lo mdlalo uzoba seHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
UModise ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni abadlali abaqokelwe imiklomelo yePremier Soccer League (PSL) ngeledlule.
“Lena bekuyisizini engaqondakali. Awukho umdlalo obukade uya kuwona unesiqiniseko sokuthi yiliphi iqembu elizowina. Kube kuhle ukubona iPirates ivuka emuva kwesizini engeyinhle ebe nayo, neMaritzburg United. Kithina siyiCity besinomqeqeshi omusha obekufanele sijwayele indlela afuna senze ngayo izinto,” kusho uModise.
“Obekunzima kakhulu kule sizini ukuyodlala neMaritzburg enkundleni yayo. Bekungelula kuwona wonke amaqembu kwiPremiership. Angicabangi ukuthi likhona iqembu ebelithanda ukuya eHarry Gwala kule sizini. Wonke amaqembu athwale kanzima ukuyihlula eMaritzburg.”
Emidlalweni emibili yesizini edlule iMaritzburg ihlule iCity ngo 4-2 eKapa kwathi eHarry Gwala badlala ngokulingana ngo 1-1.
UModise ukhulume ngabadlali abaqokelwe imiklomelo okukhona kuyona owomdlali ovelele, iPSL Footballer of The Year ozobangwa nguPercy Tau, Hlompho Kekana beMamelodi Sundowns noSiphesihle Ndlovu weMaritzburg United. Lo mklomelo uhambisana nesizumbulu sika-R250 000.
UModise uwine umklomelo iFootballer of the Year kabili kulandelana esayibamba kwiPirates.
“Ngesikhathi ngiyiwina okokuqala yanginika ukuzethemba ngagcina ngiseqenjini lesizwe. Ngaleso sikhathi iPirates ibikade iqede isizini endaweni yesishiyagalombili nokwenza kube nemibuzo eminingi ngokuwina kwami. Okwesibili bengikade sengifuna ukuzakhela ukuhlonishwa, abantu babone ukuthi ngingumdlali osezingeni eliphezulu.”
ICity izoqala isizini entsha ngaphandle kukakaputeni uRobyn Johannes osejoyine iBidvest Wits.