Ubhoboka ngokunukubezwa
UNINA womrepha u-AKA ubhoboke ngokunukubezwa kwakhe esemncane kade eyisikhulumi emcimbini weMenstrual Hygiene Day obuseDurban Country Club eThekwini, izolo.
UNkk Lynn Forbes obehamba nonina womzukulu wakhe, uDJ Zinhle, nenkosikazi kaNdunankulu waseKZN, uMnuz Willies Mchunu, uNkk Zodwa Mchunu, uthe kuyamjabulisa ukuba semcimbini ofundisa abazali ukuthi bakwazi ukukhuluma nezingane zabo ngezinto ezibalulekile.
“Njengami nje ngangingakwazi ukukhuluma nomama ngezinto ezibalulekile kangangokuba ngize ngaphumela obala ngonyaka odlule ngodaba lwami lokunukubezwa ngokocansi ngisemncane, ” kusho uNkk Forbes.
Uthe njengoba yena noDJ Zinhle bekhulisa uKairo (indodakazi ka-AKA noZinhle), umcimbi uyabakhombisa ukuthi kubaluleke kanjani ukukhuluma nengane yakho yentombazane ngezinto ezibalulekile.
UDJ Zinhle uthe ukhule unina engangeneki, engakwazi ukukhuluma naye izinto eziphatha ukuya ocansini nokuya esikhathini.
“Angikaze ngibone ukuthi kunezinkinga zamaqakelo kwaze kwaba ngishayela uhlelo kwiSABC1 oluthi It Takes a Village, olwangivula amehlo ngabona ukuthi zikhona izinkinga zamaqakelo nezesilumo ezenza izingane zamantombazane zingayi esikoleni,” kusho uDJ Zinhle.
Uthe benoKairo (3) bayakhuluma, noKairo useze waba nomkhuba wokuthi kuyena “Mama woza uzohlala eduze kwami sizokhuluma ngokuthetha kwakho.”
UNkk Mchunu uthe ujabula kakhulu ukuba khona emcimbini ngoba kubalulekile ukuthi izingane zingalovi esikoleni uma zisesikhathini.
Oyisikhulu esiphezulu seMbumba Foundation ebihlele umcimbi, uMnuz Richard Mabaso, uthe wafikelwa wukuqala ihlangano emuva kokuthi unina ethethise ingane kadadewabo ngoba ikhulume ngokuya esikhathini phambi kwakhe.
“Ngabona isidingo sikhona sokuthi ngisize ngezinkinga izingane ezibhekana nazo uma kufika leso sikhathi senyanga. Ngabona lapho ukuthi sikhona isidingo sokuthi izingane zamantomabazane zithole abantu abazokhuluma nazo uma zingena esikhathini.”
Omunye wabawu-380 abazuza ohlelweni, uCharlotte Sibiya (22) osanda kuphothula iziqu zeSciene (Bsc), aphinde abe yisitshudeni sePGCE eFort Hare University, uthe: “Ubhuti uRichard Mabaso weMbumba uyena umuntu wokuqala owavuselelela ithemba kimina ngabantu besilisa, emuva kokuthi umalume wami enginukubeze ngokocansi ngisemncane. Uhlelo iCaring for Girls lungisize ezifundweni zami nokuthi ngibe yilo muntu engiwuyena manje,” kusho uNksz Sibiya.