IPirates isayine u-Abel Mabaso?
I-ORLANDO Pirates ihlabane ngo-Abel Mabaso, umdlali owayedlala kwiMamelodi Sundowns. “UMabaso usesayinile kwiPirates, usayine inkontileka yeminyaka emithathu. IPirates imthengile kwiChippa United ngoba ubesenenkontileka naleli qembu. Izolo ubeseGoli nemenenja yakhe lapho befike khona bahlangana nosihlalo u-Irvin Khoza ehhovisini lakhe. Sekuqedwe yonke into,” kusho umthombo ongashayi eceleni.
UMabaso ubesegijima kwiChippa, lapho afike avuselela khona ikusasa lakhe. Uqale ukudlala esigabeni esikhokhelayo ngesikhathi esayibamba kwiSundowns ngo2012.
KwiSundowns wayegijima ngakwesokudla emuva. Uke wayibamba maphakathi nenkundla emuva.
KwiChilli Boys ubesedlaliswa enkabeni yenkundla. Phakathi kwamaqembu aseke adlala kubalwa iMpumalanga Black Aces ne-Ajax Cape Town.
Kuthintwa imenenja yakhe, uVusi Mthembu, iphike yalala ngomhlane ukuthi usesayinile kwiPirates.
“Akulona iqiniso ukuthi uMabaso usayine inkontileka yeminyaka emithathu nePirates. Angiyazi ukuthi uyithatha kuphi into efana nale. Yebo, ngiseGoli kodwa hhayi ukuthi bengizolungisa udaba oluthinta uMabaso nePirates. BengiseGoli ukuyolungisa ezinye izinto. UMabaso ungumdlali weChippa United. Unenkontileka nayo ngakho abamfunayo kumele baxhumane nayo,” kusho uMthembu.
KwiPirates usethubeni lokudlala izindawo eziningi. Ngakwesokudla emuva uzobanga noNtsikelelo Nyauza, Siyabonga Dube noDiamond Thopola.
Phakathi nenkundla uzobanga indawo noXola Mlambo, Issa Sarr noMusa Nyatama.
UFloyd Mbele, isikhulu sePirates, uthe: “Angiyazi le ndaba ongibuza ngayo. Angikho ehhovisini. Ngiyoze ngibuye ngoLwesithathu noma ngoLwesine.”
ULuthando Zibeko, wezokuxhumana kwiChippa, akazange atholakale ukuphawula. Ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.