UNgobeni ubheke iSundowns ngekusasa lakhe
UNOZINTI weMamelodi Sundowns uThela Ngobeni uselibeke ezandleni zeqembu ikusasa lakhe kubhutshuzwayo.
UNgobeni ubebolekiswe kwiFree State Stars ngesizini esanda kusongwa.
Ufike kuleli qembu wagila izimanga kwazise ulisize lazibekisela indawo kwiCAF Confederation Cup kulandela ukudla umhlanganiso kwiNedbank Cup.
IStars ithele othulini iMaritzburg United ngo 1-0 wegoli likaGoodman Dlamini eCape Town Stadium ngoMeyi 19.
Exoxa naleli phephandaba uNgobeni ukubeke kwacaca ukuthi iSundowns iyona ezocacisa ngekusasa lakhe ngoba unenkontileka nayo.
“Ayikho imfihlo noma ukungabaza ukuthi isikhathi sami sokudlala kwiMultiChoice Diski Challenge sesadlula. Anginendaba ukuthi ngidlala kuliphi iqembu, into emqoka kimina wukuthola ijezi. Inhloso yami wukulwela ukuba ngunozinti ohamba phambili. Ngifuna ukuba lapho ngizothokoza khona. I-Free State inginikile ithuba lokwenza into efanayo naleyo.
“Uma kumele ngihlale lapha ngizohlala kodwa uma kuthiwa angiye kwelinye iqembu lapho ngizothola khona ijezi ngizokwenza njalo. Ekugcineni iSundowns yiqembu lami. Sizobona kuzokwenzekani ngesizini ezayo. Ngihlalele ethembeni nje lokuthi bazokwazi ukuzwelana nami,” kusho uNgobeni.
I-Sundowns ibophele onozinti abathathu abayizintandokazi emaqenjini abo esizwe. Ishaya ngoDenis Onyango wase-Uganda, Razak Brimah waseGhana noKennedy Mweene waseZambia.
“Konke kuzoncika ekutheni umqeqeshi (uPitso Mosimane) nebhodi yonke yeSundowns bathatha siphi isinqumo. Angikwazi ukuxoxa ngize ngijule ngendaba yokuthi ngifuna ukuhlala noma cha kwiFree State. Into emqoka wukuthi ngifuna ukudlala, ukuthi ngidlala kwiFree State, Sundowns noma yikwelinye iqembu akukhathalekile. Uma ngiye lapho ngizothola khona ijezi ngizojabula emoyeni,” kuchaza uNgobeni.
I-Stars imangaze abaningi izibekisela indawo kwiCAF Confederation Cup kulandela ukudla ubhedu kwiNedbank Cup. Ayigcinanga lapho kwazise iqede kwiTop 8 ekubeni kade ibhekwe ukuthi ibalwe namaqembu avika izembe.
“Kuyingqayizivele ukuyobamba iqhaza kwiConfederation Cup. Akuzona zonke izinsuku lapho uthola khona ithuba lokuyodlala e-Afrika. Uma kumele ngibe yingxenye yeqembu leFree State eliyodlala e-Afrika akube njalo.
“Nokho akukho ezandleni zami. Sizobona ukuthi kwenzekani. I-Sundowns nayo iqembu elidlala e-Afrika. Leli yithuba lami lokuyodlala e-Afrika ngakho ngibona sikhona isidingo sokuthi ngiqhubeke. Izinsika ezifana noRooi Mahamutsa noPatrick Phungwayo zizolisiza kakhulu iqembu uma selidlala e-Afrika ngoba badlalile khona isikhathi eside besayibamba kwiOrlando Pirates,” kusho uNgobeni.