Kumi ngomumo ngokhetho lokuchibiyela KwaZulu-Natal
KONKE sekumi ngomumo mayelana namalungiselelo okhetho lokuchibiyela oluzoba seThekwini naseNkandla namhlanje.
Ukhetho eThekwini luzoba ku-ward 10 e-Overport, kuthi eNkandla lube ku-ward 7.
Ku-ward 10, ikhansela le-DA lasula kwathi ku-ward 7, eNkandla kwavuleka isikhala ngemuva kokushona kwekhansela le-IFP.
Okhulumela i-IEC KwaZuluNatal, uMnuz Thabani Ngwira, uthe konke sekumi ngomumo mayelana nokhetho oluzoba sezindaweni ezimbili eKZN.
“Siyathemba ukuthi sizoba nokhetho olukhululekile kulezi zindawo okuzovotwa kuzo njengoba zingekho izikhalo esisazitholile,” kusho uNgwira.
Kuzocaca namhlanje ukuthi iyiphi ezogoba uphondo phakathi kwe-ANC ne-IFP okhethweni olubhekwe ngabomvu lwaseNkandla.
Lezi zimbangi ziya kulolu khetho nje, zisanda kuqhuthana amazenze okhethweni lokuchibiyela obeluseMtubatuba kodwa okungakacaci ngomphumela wakhona ngenxa yezikhalo.
Umxhumanisi we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala unxuse amalungu kaKhongolose nomphakathi ukuba baphume ngobuningi ukuyovotela i-ANC okhethweni lokuchibiyela ku-ward 10 naku ward 7.
UZikalala uthe uyathemba ukuthi bazolunqoba ukhetho kulezi zindawo.
“I-ANC kusalokhu kuyiyona yodwa inhlangano esenhlizweni yabantu, asingabazi ukuthi bazophuma ngobuningi bezoseseka,” kusho uZikalala.
USihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blessed Gwala uthe sebekulungele ukuya okhethweni.
“Sifisa ukhetho luhambe kahle kungabi khona zihibe, futhi siyathemba ukuthi abantu bazoseseka njengo kujwayelekile ikakhulukazi eNkandla lapho iMeya yethu uMnuz Thami Ntuli, amakhansela eqembu namavolontiya wonke benza umsebenzi omuhle,” kusho uGwala.
Uthe wonke amaqembu uma eya okhethweni asuke ezimisele ngokunqoba bese kuya ngokuthi abantu bathini.