Ithuba eliyingqayizivele kwabasafufusa
UMSAKAZI wesiteshi somphakathi iVibe FM, uLwazi ‘Mlwazet’ Mdladla, uthi ufuna ukunikeza amaciko asafufusa ithuba eliyingqayizivele lokuzibonakalisa ngokuba ‘ngosingaye’ emcimbini kunokuthi babhulele amazolo labo abaziwayo.
Lo msakazi uhlele umcimbi obizwa ngeMlwazet Bavundulule Festival ohlose ukunikeza abaculi abangaziwa endimeni ithuba lokugqama.
“Kuzobe kungokokuqala ngqa ukuthi kube nomcimbi womculo wamaciko asafufusa. Ngawo ngizobe nginikeza lawa maciko ithuba lokuthi azibonakalise, ajatshuliswe nawo ngokuncane akhokhelwe khona ukuze akhuthazeke,” kusho uMlwazet.
Uthe ucela nabaphathi bezinkampani zomculo ukuthi bafike kulo mcimbi ukuzovumbulula ithalente elisha.
Okuhlukile-ke nonyaka ukuthi abaculi abafisa ukuba yingxenye yalo mcimbi kuzomele bavotelwe ngomqhafazo bese kuyatonyulwa ngokwabathole amavoti amaningi emikhakheni yabo.
Abantu abafisa ukungenela kumele kube ngabenza igqom’, umaskandi ne-hip hop. Abantu bangavota ngokuthumela umqhafazo enombolweni ethi-45633 oqala ngo ‘MBF’ ushiye isikhala, bese ubhala igama lomculi noma iqembu olivotelayo. Ukuvotela amaciko sekuqalile kanti umcimbi uzoba ngo-Agasti 4, KwaMashu eFan Park.
Ngaphambi kwalo mcimbi ngoJuni 30 eStable Theatre kuzokwethulwa iMlwazet Bavundulule Festival ezohambisana ne-sithangami sabaculi abafisa ukucijwa ngezinto eziningi ezithinta indima yomculo. Kungenwa mahhala. Le micimbi ixhaswe nguMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.