Sithwele kanzima esibhedlela esisebenza kusona
Mthembiseni Thusi USIHLALO MHLELI: Kwelakho ngithi angizwakalise ukungenami kwami. Ngingumsebenzi ngisebenza eLower Umfolozi Memorial okuyisibhedlela esesibizwa ngeQueen Nandi.
Isibhedlela esisebenza kusona sinenkinga yemali. Kwafakwa amakhamera ukuze agade umsebenzi kodwa izidingo eziqondene nesibhedlela azifezwa. Ngikhuluma nje sekuke kwathiwa asiziphathele amanzi okuphuza singabasebenzi ngoba siyawamosha.
Kwathiwa masingawagibeli amakheshi ngoba uma ekuvalela ungaphakathi abanayo imali yokubiza onjiniyela bawo abazokukhipha. Bese ungazi ukuthi babesakhelani isibhedlela esinezitezi ngoba manje kumele sehle sinyuke ngezinyawo sisebenzisa izitebhizi lize liyoshona ilanga uma usebenza.
Wake wakuzwaphi ukuthi isibhedlela esikhulu kangaka sisebenza nje asina-porter? Umhlengikazi kulesi sibhedlela uyingqabeshu. Sihambisa igazi kwi-laboratory, kuphinde kube yithina futhi okudingeka ukuthi sihambise iziguli koma-X-ray nakoultrasound.
Amaphilisi eziguli akhishwa yithina ekhemisi. Phezu kwalokho nazi iziguli ezilele emawodini ezisuke zibheke wena mhlengikazi ukuba uzisize. Umhlengikazi kulesi sibhedlela uyisikolobho nje akwaziwa nokuthi uyini.
Safunda saphasa ngo-2015 kodwa kuze kube yimanje asiqashiwe ngokugcwele ekubeni sifukuza kangaka. Sithwele kanzima kubuhlungu kakhulu okwenziwa kithina. Sesize sagula saphathwa oBP ngenxa yokhwantalala.
UNgqongqoshe wezeMpilo eKZN uDkt Sibongiseni Dhlomo kanti uyophuma nini kulo mnyango awuphethe ngoba kuyacaca ukuthi akanandaba nabahlengikazi abathwele kanzima njengathi. Njalo uma evula umlomo ngeke umuzwe encoma umsebenzi wabahlengikazi abafana nami abafukuza kodwa bangatholi mvuzo ngokufukuza kwabo. Ozithobayo noxakekile ESIBHEDLELA EQUEEN NANDI