ICHIPPA UNITED ICHITHE UMDLALI
ngaphansi kukaGordon Igesund.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini edlule. Ufike kwiTeam of Choice walubamba lwathula udonga lwayo elekelelana enkabeni yalo noBevan Fransman.
Bayisize yaqeda endaweni yesine kwi-Absa Premiership yaphinde yadlala okokuqala kowamanqamu womkhumulajezi lapho ihlulwe iFree State Stars ngo 1-0 koweNedbank Cup. Engxoxweni abe nayo ne-website yeSafa uXuluuthe ubengalindele ukuthi umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, aqoke yena njengokaputeni.
“Bengingakulindele lokhu. Kungimangazile ukuthi umqeqeshi aqoke mina njengokaputeni. Ukubuya kwami ngikuthatha njengokuqala phansi, ngifunde izinto ezintsha nakozakwethu. Lena yindlela yokuvuselela ibhola lami ezingeni lomhlaba. Bengigxile emdlalweni wami,bengingalindele ukuthi ngingaba ukaputeni,” kusho uXulu.
IBafana izoqala umqhudelwano weCosafa ngeSonto esigabeni samaquarterfinal lapho izobhekana nozonqoba uGroup A obophele iMadagascar, Mozambique, Comoros neSeychelles. kwiChippa United ngesizini edlule wafunda wagomela ukuthi ngeke aphinde abuyele kuleli qembu esikhalayo kulona isitswebhu kubaqeqeshi.
Kodwa uthe uma usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi, emnika elinye ithuba lokuzoqeqesha walibamba ngazo zombili.
UPotshoza njengendoda enabangani abaningi, ithunyelelwe enye ingxoxo uMalesela abe nayo nomunye wemisakazo ngomsebenzi wakhe omusha.
Ilapho esho khona ukuthi impilo ibinzima engasebenzi.
Wachithwa iChippa ngasekuqaleni kwesizini edlule ngoSepthemba.
“Bekunzima kakhulu. Ngiyazi kunabantu abacabanga ukuthi angalidingi ibhola engingazi ukuthi bakuthathaphi lokho. Abazitshela ukuthi ngimi kahle. Abanye bacabanga ukuthi unkosikazi wami ucebile, angincikile kunkosikazi wami. Ngebhadi bazitshela ukuthi ngizohlala ekhaya ngokunethezeka. Kodwa bekuyinto ehlukile kakhulu kunalokho. Bekunzima,bengisokola,” kusho uMalesela.
Uthe ukuhlala ekhaya kumenze wacabanga ngokwenzekile phakathi kwakhe noMpengesi.
“Ekugcineni noma ngabe ikuphi ukungaboni ngaso linye esibe nakho bekumele ngikudlulise. Kukhulu angenzele khona, ngibone ukuthi ngiyamkweleta. Uyena owabona ukuthi ngingaqeqesha kwiPremiership,” kusho uMalesela.
UPotshoza usezohlala amincele
KUHLUKENE inhloko nesixhanti phakathi komdlali neChippa United ngemuva kokungavumelani ngenkontileka entsha. Izolo ekuseni i-United idalule ekhasini layo kwi-twitter ukuthi kuphelile phakathi kwayo noBuyani Sali.
“Usihlalo uSiviwe Mpengesi usememezele ukuthi uBuyani Sali uyahamba ekupheleni kwesizini ngemuva kokungavumelani ngenkontileka entsha. IChippa United iyambonga kakhulu uSali ngokuzinikela kwakhe eqenjini,” kubhalwe kanje. USali ufike eqenjini ngo-2010.
Khonamanjalo kuvela ezithi iChilli Boys isisayinise uThabo Nthethe odlala emuva. Inkontileka yakhe ibiphela kwiMamelodi Sundowns ngoJuni. Lesi sitobha kuke kwavela ukuthi sifunwa yiMaritzburg United esanda kuqinisekisa ukuthi uBevan Fransman ngeke abuye ngesizini ezayo.