UNaima Kay uzokhuleka neSolezwe
UMZWILILI we-Afro Soul/Jazz uNaima Kay (osesithombeni) ngomunye wosaziwayo abazobe behlanganyele emkhulekweni ohlelwe yiSolezwe eThekwini Community Church namhlanje kusukela ngo-10 ekuseni.
UNaima ngomunye wosaziwayo okuke kwabikwa kakhulu ngokuhlukumezeka kwakhe wumuntu akade ethandana naye. Yize ephika elala ngomhlane ukuthi wake wabekwa isandla kodwa uthe kwakuke kuxatshanwe kushunqe uthuli nesoka lakhe.
Uthe abantu besifazane abahlukane nokubekezelela amadoda abahlukumezayo.
“Phuma kulobo budlelwano, ungalindi ukuthi aze akushaye noma akubulale. Bikelani amaphoyisa, niwabophise amadoda khona ezofunda isifundo ejele,” kusho uNaima.
UNaima uthe sesiphelile isikhathi sokuthi kulokhu kwakhulunywa ngento eyodwa, sekufanele kuthathwe izinyathelo ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. “Kuhlale kukhulunywa kodwa akwenziwa mnyakazo. Akajeze umuntu ohlukumeza umuntu wesifazane.”
Uthe enkonzweni uzoqhulula izingoma zakhe zokholo okubalwa kuzo ethi Baba Ngiyavuma nethi Leli langa Ngelami. “Zikhona nezinye ezikhuluma ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane engizozicula.”
UNaima Kay uzobe eshiyelana inkundla namanye amaciko okubalwa kuwo uSiyabonga Mpungose nomlingisi weSibaya uSbo Da Poet.
Abazobe bephetha uhlelo yisilomo seHighway Radio uDennis ‘Nzonzo’ Ntombela nentatheli yeSolezwe uZanele Mthethwa.