I-IFP ikhala ngokukhankasa kukaKhongolose
I-IFP ikhale nge-ANC ekhankasa ngezinsiza zikahulumeni njengoba bekunokhetho lokuchibiyela izolo eNkandla.
USihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blessed Gwala, uthe bavule icala lokuthi i-ANC isebenzisa izinsiza zikahulumeni okhethweni obelukuwadi 7.
Bekukhona nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma owakhe khona eNkandla obekhankasela inhlangano.
Uthe kusetshenziswe imoto yomnyango ebithwele amalungu e-ANC ngesikhathi kungenwa umuzi nomuzi kukhankaswa.
“Sibabambe oqotsheni besebenzisa le moto ukukhankasa. I-ANC iyaqhubeka isebenzisa izinsiza zikahulumeni ezintweni zeqembu ukuze iwine ukhetho,” kusho uGwala.
UGwala uxwayise i-ANC ngokuqhubeka isebenzisa izinsiza zikahulumeni.
“Sinabo nobufakazi obuveza imoto nenombolo yayo kanti lobu bufakazi sizobuyisa enkantolo ukuze kuthathelwe labo abathintekayo izinyathelo. Akuqali ukuthi kwenzeke into enje, naseSahlumbe okhethweni lokuchibiyela ngoJanuwari 2016, kwasetshenziswa izimoto ezintathu nasoLundi kwake kwenzeka kusetshenziswa izimoto zikaNdunankulu ezazihambisa ukudla.”
UNobhala we-ANC esifundeni iMusa Dladla, uMnuz Tholi Gwala, uthe inkulu le wadi wathi lapho ebekhona akazange ayibone into efuze le.
Uthe isisebenzi sikahulumeni esifikile nguNdunankulu wesifundazwe uMnuz Willies Mchunu.
UGwala uthe ukhetho luhambe kahle akubanga nazehlakalo ezibikiwe njengoba kuvalwe ngo-9 ebusuku.
Isikhulu sekhomishini yezokhetho esifundazweni, uMnuz Mawethu Mosery, sithe asikho isikhalo abasasitholile.
“Uma kuyinto enjalo ayihlangani nemigomo yokuziphatha uma kunokhetho. Into enjalo ibikwa emnyangweni lowo okuthiwa imoto eyakhona kungqongqoshe walowo mnyango,” kusho uMosery.