Kubhungwe ngezithinta ukhetho
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa izolo uhlangane nekhomishini eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC) emzini wombuso, eTuynhuis, eKapa.
Okhulumela uRamaphosa, uNkk Khusela Diko, uthe umhlangano ulandela ababa nawo neSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ekuqaleni kwenyanga edlule.
Uthe i-IEC itshele uMengameli ngamalungiselelo okhetho lwesithupha lukazwelonke ngonyaka ozayo.
Emhlanganweni bekukhona uSihlalo we-IEC uMnuz Glen Mashinini, iPhini likaSihlalo uMnuz Terry Tselane, isikhulu esiphezulu uMnuz Sy Mamabolo nokhomishana oNksz Janet Love noMfundisi Bongani Finca.
“Ukhetho lokugcina lukazwelonke lwalungoMeyi 7, 2014 kanti ukhetho kumele lube sezinsukwini ezingu-90 kusuka kuleli langa okwagcina ngalo ukhetho. I-IEC ibalule izindawo okusamele izilungise ngaphambi kokhetho njengokuthi kulungiswe lapho kunombango wemingcele, indaba yokutholakala kwamakheli, ukwethulwa komthethosivivinywa i-Electoral Laws Amendment Bill,” kusho uNkk Diko.
Uthe ikhomishini ithe ukhetho luzoba nokuthula lukhululeke wathi kusalindwe uMengameli amemezele usuku lokhetho.
Ngokwe-IEC isimemezelo ngosuku lokhetho kulindeleke ukuthi senziwe ngoFebhuwari noma ngoMashi ngonyaka ozayo.
Khonamanjalo kuzovulwa izikhungo zokubhalisela ukuvota ngempelasonto e-Eastern Cape, KwaZulu-Natal naseNorth West. Ukhetho lokuchibiyela luzoba ngoJulayi 25.
Izikhungo zizovulwa ngoMgqibelo nangeSonto ngo-8 ekuseni kuze kube u-5 ukuze abavoti babheke imininingwane yabo baphinde bafake namakheli abo.
Kudingeka omazisi noma amakhadi omazisi ukuze babhalise babuye bazibheke.
I-IEC ixwayise ngokuthi kuyicala ukubhalisa lapho ungahlali khona.
Ukhetho lokuchibiyela luzoba kumasipala waseMthonjaneni ku-ward 7 lapho kubhalise abavoti abangu-3804 kanti isikhala sivuleke ngemuva kokuxoshwa kwekhansela.
Izikhungo zokubhalisa ezizobe zivuliwe yiseSt Pauls Combined, Kwagconco Combined, Sizanotho Primary, Sitheku Secondary, Makhasaneni Primary naseThuthukani Creche.