Ubhale incwadi umfundi obecwaswa
UKUKHISHWA inyumbazana ngontanga yakhe esikoleni ngenxa yokubuya ekuthwaseni kwenze umfundi waseXobho wasebenzisa usiba ukuze akhulume ngemizwa yakhe.
UNandi Nene (16), ofunda uGrade 11 eLittle Flower High, ubhale incwadi esihloko sithi Wrongfully Wedded ekhuluma ngezimo ezinzima ezehlukene abantu ababhekana nazo. UNandi, okuyincwadi yakhe yokuqala lena ayibhalile, usephokophelele ukubhala ezinye akhulume nangeyakhe impilo. Yize le ncwadi inesihloko esithinta umshado akuwona kuphela akhuluma ngawo.
Uthe kule ncwadi ubhale ngezimo eziningi azithole ngokuxoxa nabantu. Umshado ungezinye zezimo abhale ngazo.
“Ngagula isikhathi eside ngesikhathi ngifunda uGrade 9 ngagcina ngigula nangokomphefumulo. Indlela engangigula ngayo ngisho odokotela babehluleka ukuthola ukuthi ngiphethwe yini. Ngenxa yokuthi ubaba ukholelwa kakhulu ezintweni zesintu ngagcina ngiyothwasa izinyanga eziyisithupha,” kuchaza yena.
Uthe washiya phakathi esikoleni ngoMeyi waze wabuyela ngoNovemba sekuzobhalwa.
“Esikoleni ngafika ngangamukeleka izingane zikhuluma ngami. Ngangimncane kakhulu ukuthi ngingaba yisangoma nalokho kwenza ukuthi ngibandlululeke. Ngenxa yokuthi ukugula akuphelanga ngisho sengibuya kothwasa, kwaze kwaba namahlebezi okuthi bengiyokhipha isisu. Bese ngiphila impilo yokuba ngedwa ngizivalela endlini ngibhale yonke imizwa yami. Kuthe sengibhalile nangezinye izimo zabantu ngabona kungcono ngibhale incwadi,” kusho uNandi.
Kule ncwadi uNandi ukhulume nezinye izingane nazo ezibhekane nezimo ezinzima. Uthe ngaphandle kokuveza ubunzima abantu ababhekana nabo ufuna ukukhombisa ukuthi obunye busuke buzobaqinisa. Ufunde nokuthi ezinye izimo ezibhekana nabazali zisuke zizoqinisa izingane zibhekane nanoma yiziphi izinselelo uma sezikhulile. Mayelana nokugula kwakhe uNandi uthe uze wasinda esehlala komunye umfundisi obemsiza nangomthandazo. Yize ukugula kumenze wahlaba ikhefu esikoleni uthe wamangala uma ephasa ekupheleni konyaka kwaGrade 9. Nalokhu kwadala ukukhuluma ezinye izingane zibuza ukuthi uphase kanjani. UNandi ufuna ukuba ngudokotela uma eseqede u-matric aqhubeke nokubhala izincwadi. Incwadi elandelayo izokhuluma kabanzi ngokuthwasa kwakhe. Incwadi uyethule ngesonto eledlule uthe uzoyifaka ezitolo ngoJuni.