Sicela ozihlalo beqembu leNkatha bathathe isibonelo esihle ngeziko laseSikhaleni
Shine Mfeka Dkt Mpilo Ngubane ETHEKWINI MUNICIPAL ACADEMY MHLELI: Ngithokoza ukucosha ithuba lokuba ke ngisike elijikayo. NgoMeyi 26, iqembu lethu leNkatha libe nomcimbi omuhle kakhulu eSikhaleni wokugcotshwa kweziko.
Siyiqembu sifisa ukuba bonke ozihlalo bathathe isibonelo sokugcoba amaziko abo. ESikhaleni siqinise izinhlaka zethu ukuze iqembu lenze kangcono ngokweqile kulezi zinketho ezizayo. Nalowo obengakezwa akaxhumane nobuholi beqembu obuseduze naye, ezwe ukuthi izinhlelo zokujoyina iqembu zihamba kanjani.
Nginxusa bonke abalaphaya eSikhaleni ngokomsebenzi ukuba bavele, sikhona siyiNkatha futhi siyaphefumula kuso sonke iSikhawu.
Mhlawumbe umuntu kufanele abonge nokuba khona kwelungu elihloniphekile, uMnuz X Ngwezi okunguye osenzele umsebenzi wethu ngobukhulu ubunono lobu kugcotshwa iziko leNkatha ku-ward 22.
Kungesiwo wodwa, nalabo asebewagcobile amaziko abo, ake bagqugquzelwe nabanye benze okufanayo kokugcoba amaziko singabe sisabheka emuva. Kungabe asibenzi ubulungiswa njengeqembu uma singabongi ubuholi baseSikhaleni ngokugqugquzela ukuba amaziko agcotshwe. Ngibonge kanjalo noDkt Donda nenduna yesigodi uBaba uNdosi ngokuba Nibe khona nizimazise iqembu lethu.
Kuhle futhi ukuba sibonge namakhansela amele iqembu lethu eMkhandlwini kuMasipala waseMhlathuze. Sibonge nomphakathi waseSikhaleni ukuba useseke ngokujoyina iNkatha. Sibonge umphakathi ngokwamukela iqembu ngaleya ndlela. Siyakubonga lokho siyiqembu, nosihlalo weziko ngethemba uzizwile izeluleko futhike uyindoda elalelayo.
Ukweseka kwenu iqembu ngokuthi nithathe ubulungu kuzokwenza sibe namandla okulwa nenkohlakalo eseduze kwethu. Sphakanyiswa Sabela UNOBHALA OSAKAZA IZINDABA ZEQEMBU LENKATHA ESIKHALENI